Izindaba

Usinde Kukubi Obeminza Ebhishi EBallito

UCISHE wayokwelusa amadada umuntu ominze ebhishi lase Thompsons Bay eBallito ngeSonto kusihlwa. Lo muntu ubonakale esehlahle amehlo emanzini kucaca ukuthi uyemuka ngenhlanhla abebeseduze kwakhe bakwazi ukumkhipha ngaphandle kodwa engasanyakazi base bebiza abakwa-IPSS Medical Rescue abafike ngokushesha endaweni yesigameko.

Abakwa-IPSS Medical Rescue bebambisene nabe-Netcare Life Support nabo abese bekhona bafike benza izaba ngendlela abaqeqeshwe ngayo, wakhwehlela namehlo aswanguluka kwaba kuvuka kwakhe. Ube esephuthunyiswa esibhedlela esiseduze ukuze athole ukwelashwa okuthe xaxa.

Isithombe: IPSS Medical Rescue

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com