Izindaba

Kudalulwe okubambezele umngcwabo woweMambazo

SEKUMENYEZELWE ukuthi uzongcwatshwa ngempelasonto ezayo u-Albert Mazibuko (77) oyilungu leqembu lomculo elidume umhlaba wonke, iLadysmith Black Mambazo yize abaningi bebelindele ukuthi angcwatshwe kule mpelasonto.

UMazibuko ushone mhlaka-5 Mbasa (April) 2026. Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni zimenyezelwe iqembu ekhasini lalo lika-Facebook ngoMsombuluko.

Ungomunye wababa ingxenye kusungulwa leli qembu ngabo-1960.

I-Ladysmith Black Mambazo ibambisene nomndeni babonge abantu bakuleli, abezindaba nabalandeli bayo emhlabeni wonke ngokubeseka ngemiyalezo yenduduzo nangothando ababakhombise lona kulesikhathi ezinzima kubona.

“Ukuseseka kwenu siyakubona futhi kuzwiwa iwona wonke umuntu ophile no-Albert”, kusho isitatimende

Leli qembu liqhubekile ladalula ukuthi njengamanje lisohambeni lomhlaba futhi kulindeleke ukuthi libuye ngeSonto, mhlaka-12 Mbasa (April) 2026. Ngenxa yalokho umngcwabo kaMazibuko kuphoqe ukuthi ubambezeleke njengoba usuzoba ngesonto elizayo.

Amalungiselelo ezinhlelo zomgcwabo ami kanje:

Inkonzo yesikhumbuzo:
Usuku: Lwesithathu, (Mbasa) April 15, 2026

Isikhathi: 10:00 ekuseni

Indawo: CFCI – 54 King Dinuzulu Road, Berea, Durban, 4001, South Africa.

Umngcwabo:
Usuku: Umgqibelo, (Mbasa) April 18, 2026

Indawo: Estcourt, Entabamhlophe. (Emambazweni)

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com