
Kuzokhishwa iScandal kufakwe iFour Of Us ebophele izinkakha zabalingisi
KUNEMIBIKO ethi isiteshi sikamabonakude i-eTV sizokwethula umdlalo omusha okulindeleke ukuthi ubhincisele nhlanye eminye edlala kusihlwa phakathi nesonto.
Ngokuthola koMkhaya, i-eTV izokhipha iScandal ifake umdlalo omusha sha, othi Four Of Us. Kulo mdlalo kuzobonakala izinkakha zabalingisi, phakathi kwazo kubalwa uSindi Dlathu noRami Chuene.
Ukuba khona kwalaba balingisi abaziwayo ngekhono lokushukumisa umdlalo nabanye abadumile kufakazela ukuthi ababhali nabadidiyeli bawo bafuna ukuxoxa indaba ehlaba umxhwele futhi ezogcina umbukeli ehleli kusofa wakhe, ethe njo kumabonakude wakhe.
Yize ingakadalulwa imininingwane eminingi nge-Four Of Us kodwa uma kuhletshwa nabalingisi bawo, abakufihli ukuthi kungalindelwa umdlalo othinta kabanzi ubushompeshompe obenzeka emijolweni, ukushuba kwesimo, nezingxoxo ezijulile.
Lona kuzoba umdlalo okwenza ulangazelele isiqephu esilandelayo.
