
Kuboshwe “ukuka” nomngani ngokuthumba nokudlwengula indodana kamqashi
AMAPHOYISA asePitoli abophe umphathi wabapheki, u-Patrick Malandule nowesilisa abehamba naye, uNkosinathi Mdluli ngecala lokuthumba nokudlwengula u-Leroy Nkanyezi Mnisi, oyindodana kamqashi wakhe.
ULeroya uzalwa usomabhizinisi waseMpumalanga, u-David Mnisi ongumnikazi wesitolo sokudla iNkanyezi Fork & Knife Restaurant, okusebenza kuso u-Patrick.
Ngokombiko esiwutholile, u-Patrick uthathe ikhefu emsebenzini ngesonto eledlule wathi uyovakasha kubo eTzaneen, kanti usenga ezimithiyo ubesevele ehlele ukuthumba u-Leroy.
U-Patrick nomngani wakhe uNkosinathi bathathe u-Leroya bahamba naye ngaphandle kolwazi lwabazali bakhe, balibhekisa ePitoli. Ngesikhathi bebanjwa bebehamba ngemoto yohlobo lwe-Toyota Scarlet.
Osomatekisi baseMarabastard bayisukele lemoto bezitshela ukuthi ilayisa abagibeli. Baqaphele ukuthi kunomfana ohleli esihlalweni sangemuva engagqokile ngezansi futhi ethukile. Babe sebebafaka imibuzo laba, bathola ukuthi lomfana abahamba naye uzalwa umqashi ka-Patrick futhi abazali bakhe abazi ngokuhamba kwakhe.
Osomatekisi babe sebebiza amaphoyisa, afika ababopha bobabili u-Patrick nomngani wakhe, uNkosinathi. Amaphoyisa akuqinisekisile ukuboshwa kwalaba.

Esithombeni: U-Leroy Nkanyezi Mnisi obethunjiwe
U-Leroy uphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze elashwe njengoba ubopha ngemuva, nokube nezinsolo eziqinile zokuthi unukubeziwe.
Okhulumela amaphoyisa, u-Cst. Ntsie Sithole ubonge kosomatekisi nomphakathi osukumele lolu daba nakuba bese bebonile ukuthi laba abalayishi abagibeli, bayazihambela kodwa baqaphela umfana obehleli ngemuva emotweni.
“Sicabanga ukuthi umfana bebezomlahla endaweni engaziwa njengoba udaba lokunyamalala kwakhe bese lubikiwe, selusakazeke yonke indawo”, kusho u-Cst. Sithole.
Uthe emuva kokubopha laba amaphoyisa asaqhubeka nokuphenya ukuze athole imininingwane eminingi.
Ubaba ka-Leroy uthokozile ngokuhlanganiswa nendodana yakhe, wabonga nosomatekisi ngokubamba laba. “Ngiphoxekile ngo-Patrick, kwazise ngamnika umsebenzi ukuze akwazi ukunaka umndeni wakhe kanti yena ufuna okunye. Angikhumbuli ngixabana naye, noma kukhona esikubangayo ukuthi angenza into enje enganeni yami”, kusho u-David ophinde abe ngumnikazi weMvuleni Security neMvuleni Laundry & Services.
*Lolu daba lucashunwe ezikweni i-Bushbuckridge Media
