
Ukhaliswa ukutholoza ejele umculi oyi “hlongandlebe” owayethe akalesabi
KWAQALA kwaba sengathi akanendaba nokuboshwa umculi wakuleli onezigemegeme ocula iLekompo, uLehlogonolo Katlego “Shebeshxt” Chauke okhihle isililo sikaNandi enkantolo iPolokwane Magistrate’s Court ngoLwesine, mhlaka-23 Mbasa (April).
UShebeshxt ubevele kule nkantolo ukuzocela i-bail ngecala alenza mhlaka-19 Mfumfu (October) 2025 lokudubula owesilisa (34) ngesibhamu esingekho emthethweni emuva kwengozi yomgwaqo eyenzeka emgwaqeni uWitklip Street eLadana, ePolokwane.
Abambonile enkantolo bathi uvele waduzuluka wakhala emuva kokuzwakala ethi: “Kholo Rato Laka” okuchaza ukuthi “Kholo sithandwa sami”.
UKholofelo Moloto igama lentombi yakhe asenesikhathi eside ethandana nayo futhi banengane eneminyaka engu-9, u-Onthatile owashona engozini yemoto ngo-2024.
Uphinde wazwakala ethi: “Ngiyacela, ngifuna ukubona ingane yami”, waphinda waduluka ekhala ngosizi.
Kuleli cala kulalelwe umsebenzi wasejele, uFikile Nkosi etshela inkantolo ukuthi uShebeshxt akakaze acele usizo lwezempilo njengoba eboshiwe, obekuphikisana nezinye zezinto abekhala ngazo ukuthi akanikwa zona okubalwa nosizo lwezempilo njengoba ethe unenkinga yonyawo oludinga ukuhlinzwa masisha.
Inkantolo inqume ukuthi udaba lwakhe luphinde lulalelwe ngomhlaka-28 Mbasa (April) ukuze kuzwakale ezinye izethulo njengoba umbuso uzimisele ukuphikisana nezethulo zikaShebheshxt ezintsha.
