
USithelo Shozi uthenjiswe umshado usomabhizinisi “oyiqola” waseZimbabwe
EMUVA kokuqagela ezinkundleni zokuxhumana ngobudlelwane be-social influencer yakuleli ephinde ibe ngu-DJ, uSithelo Shozi nosomabhizinisi waseZimbabwe odume ngokuphambana nomthetho, uKudzaishe Magura, sebethembisene ngokusemthethweni.
Lokho kuqinisekiswe uyena qobo uSithelo emuva kokuthi efake umbhalo ohambisana nezithombe ku-Instagram ethi: “Sengiyinxele” obekuchaza ukuthi usefake indandatho emunweni osesandleni sobunxele.
Ufake inqwaba yezithombe kuvela bevakashela izindawo ezehlukene eziwubukhazikhazi noKudzaishe e-Italy.
USithelo unezingane ezintathu azizale ebudlelwaneni baphambilini – indodana yakhe yokuqala ayizala noMakhosini Maseko namadodakazi amabili awazala no-Andile Mpisane osewaganwa uTamia Mpisane.
UKudzaishe sekuvamile ukuthi aphambane nomthetho njengoba ngo-2020 engomunye wabasolwa abangu-3 abavele ePalm Ridge Specialised Commercial Crimes Court ngecala lokukhwabanisa. Laba bebesolwa ngokuhlinzeka iSARS ngamaphepha ezinkampani zabo akokoteliwe futhi bafaka izicelo zama-tax returns ezingelona iqiniso okwenze bathola imali engu-R8.2 million.
Bobathathu bangaphandle nge-bail.
