EZISEMATHENIIzindaba

Kuthinteke nabe Hip Hop ngokufa kweNkosi Yamagcokama

KUSUKELA ngeSonto abelokhu eqhamuka zinkalo zonke amazwi endumalo nokushaqeka emuva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni komculi kamaskandi odumile, uScebi “Inkosi Yamagcokama” Dlamini.

UDlamini ushone engozini yomgwaqo eyenzeke emarobhotini aphambi kwesibhedlela, iMelomed Hospital eRichards Bay ngezintatha zangeSonto.

Kuqaphelekile ukuthi Inkosi Yamagcokama ibithandwa abantu abalandela izinhlobo ezehlukene zomculo kwazise phakathi kwabazwakalise ukuthinteka ngokufa kwakhe kukhona abe Hip Hop nabe Piano.

Iqembu elizibiza ngeHip Hop SA & AmaPiano Paradise libhale ekhasini lalo le X lidlulisa umyalezo wokududuza umndeni.

“Sivuke ngezindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni kweciko likamaskandi Inkosi Yamagcokama ngezintatha zanamuhla.

“Siduduza umndeni, abangani nabathandiweyo ngalesikhathi esinzima”, kusho leli qembu

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com