
Babingelelwa iphunga lendle esikoleni osekuphele iminyaka ewu-6 abafundi bezikhulula ebaleni
IGCEKE lesikole esimumatha abafundi ababalelwa emakhulwini amahlanu (500) sinuka phu indle ngenxa yokuthi abafundi bazikhulula ebaleni.
I-Van Coller Primary School ese-Eastern Cape sekuphele iminyaka eyisithupha (6) ingenazo izindlu zangasese okwenza kube nenselelo kubafundi nothisha.
Ngesikhathi kuvulwa izikole kubambezelekile ukuvula kulesi sikole okuze kwaphoqa abe-South African Human Rights Commission (SAHRC) ukuthi besivakashele, nokuyilapho abathole khona inkinga yokungabi bikho kwezindlu zangasese.
Abazali abaficwe i-SAHRC yibo abaveze ukuthi sekuphele iminyaka eyisithupha isikole singenazo izindlu zangasese kulesikole esiqala ku-grade R sigcine ku-grade 7.
Abafundi abangaphezu kwamakhulu amahlanu yonke leminyaka bazikhulula egcekeni ngemva kwamagumbi okufundela.
Okhulumela umnyango wemfundo eyisisekelo kulesiya sifundazwe, uMalibongwe Mtima uthe isikole okukhulunywa ngaso sithole imali engu-R28 629 sokulungisa okonakele kodwa sangasebenzisa ngisho isenti kuyo.
“Imali ebekelwe isikole kulo nyaka ingu-R53 590. Sisazothumela abacwaningi mabhuku ngoba sithole izikhalo ukuthi ikomiti eliphethe isikole alenzi kahle futhi alibiki”, kusho uMtima.
Osophikweni lwezomthetho kwa-SAHRC e-Eastern Cape, u-Brandon Ainslie uthe bazoqhubeka nokulokhu betheleka bezobheka isimo kulesikole.
