Ezosaziwayo

Uhambela phezulu uNatasha Thahane ngokufakwa kwi cover yeGLAMOUR yokugubha inyanga yabesifazane

WAMUKELE isipho senyanga yabesifazane esingandele bani umlingisi wakuleli,
uNatasha Thahane ngesikhathi emenyezelwa njengozoba i cover yokuqala yebhuku losaziwayo iGLAMOUR magazine yaseNingizimu Afrika yeNyanga Yabesifazane.

UNatasha ugcwele injabulo ngaleli thuba lokwabelana ngohambo lwakhe olukhuthazayo olubhalwe kule magazine eyisipesheli.

Ngaphakathi kule issue, abafundi bazozijulisa ngempilo yakhe – uhambo olwakhiwe ngenhloso, amandla okubekezela, nokuzinikela ekunikezeni amandla kwabanye. Ngaphezu kokuba umligisi kumabonakude , usomabhizinisi nomuntu owenza umsebenzi wokukhuthaza umphakathi, uNatasha uyisibonelo esiphilayo sokuthi umthelela wangempela ulinganiswa ngempilo oyithintayo.

Njengomlingisi, umkhiqizi, usomabhizinisi kanye nomethuli wezinkulumo ezakhayo, uNatasha ukhuluma ngokuthatha izintambo zokuphila kwakhe nokwakha impumelelo aseyizuzile empilweni yakhe.

Ekwethulweni kwalesi sithombe sokuqala, uthe:

“Lesi sithombe siwubufakazi bokuthi ukubekezela, ukholo nokuzimela wena kuyakhokhela.”

Wabe esebonga ithimba le-GLAMOUR SA kanye ne-Huawei ngokwenza leli phupho lifezeke.

“Sekuyithuba lami, Bafazi”, kusho yena.

“Lesi sithombe siwubufakazi bokuthi ukungaguquguquki, ukholo nokuzimela wena kuzokuyisa phambili kokwesaba.
Siyabonga kakhulu ku-@glamour_sa kanye ku-@huaweiza ngalesi sithombe esihle kangaka”, kusho yena.

“Masamekele onke amasizini, sikholelwe ukuthi okuhle kuseza. Ngaphezu kwezinto ezehlukene engiyizo ngiyintombazane nje esamangaliswa izikhathi ezinjengalezi”, kuphetha yena.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com