
Ugcine ebutholile ubulungiswa umsebenzi owaxoshwa eWoolworths ngezinsolo ezingenabufakazi esesebenze iminyaka engu-16
INKANTOLO yezabasebenzi eGoli ichithe isicelo sesitolo, iWoolworths (Pty) Ltd sokubuyekeza isinqumo esathathwa umahluleli we-Commission for Mediation and Arbitration (CCMA) sokubuyisela emsebenzini umsebenzi owaxoshelwa ukuziphatha ngendlela esolisayo endlini egcina impahla.
Ijaji elibambile kule nkantolo uW.N. Sidzumo esinqumeni salo lithe lesitolo sihlulekile ukuletha ubufakazi obubambekayo ngezinsolo zaso, lahambisana nesinqumo esathathwa umehluleli we-CCMA sokubuyisela lomsebenzi emsebenzini bese ekhokhelwa zonke izinyanga eziyisithupha (6) abemiswe zona.
UJane Makhubela waxoshwa eWoolworths ngo-2023 emuva kokuvela kumakhamera e-CCTV ebeke izandla emathangeni akhe endaweni eqashwe ngelokhozi esitolo.
Inkampani yabe isimxoshela icala lokungaziphathi kahle, imsola ngokuphula imigomo yayo ebekelwe ukuvikela ibhizinisi ezenzweni ezingalilulaza, ezingalilahlekisela futhi zilibeke engcupheni ngokuthi aziphathe ngendlela esolisayo.
Le nkampani yabeka izizathu zokuthi izenzo zakhe zibonisa ukungathembeki, futhi wabeka izincazelo ezehlukene ngesikhathi ebuzwa ngalokhu okwenza wangathenjwa futhi kwalimala ukumethemba.
Yize kunjalo ayikho impahla okwatholakala ukuthi intshontshiwe esitolo noma okwavela ukuthi ayibonakali.
Emuva kwecala elafakwa umsebenzi e-CCMA ngoNdasa (March) 2024, umahluleli wayo wathola ukuthi uxoshwe ngokungafanele. Ikhomishani yaveza ukuthi izinsolo zizodwa azigcwalisi ukuthi kufanele axoshwe umsebenzi futhi umqashi akanabufakazi bokuthi kukhona okwantshontshwayo noma okungalungile okwenziwa umsebenzi.
UMakhubela mayechaza udaba lwakhe uthi ngesikhathi esendlini egcina impahla wayazi ukuthi unesikhathi esincane azosisebenza kule ndawo, wabe esenquma ukushintshela i-sanitary pad khona ngaphakathi engaze ephelelwe isikhathi kanti nezindlu zangasese zingenhla. Okunye isiko lakhe alimvumeli ukuba achazele abaphathi bakhe besilisa ngokwenzekayo uma esendaweni yakhe.
Umahluleli wase-CCMA wayizwa inesigqi incazelo yakhe futhi ithembekile wase eyalela ukuba abuyiselwe emsebenzini aphinde akhokhelwe umholo wakhe wezinyanga ayezimisiwe ofika ku-R54 464.
I-Woolworths ibe isilufaka enkantolo yabasebenzi ngaphansi kwesigaba 145 somthetho olawula ezabasebenzi ngenhloso yokuthi lucutshungulwe. Ibeka izizathu zokuthi umahluleli udaba akalusebenzanga ngendlela egculisayo, uhlulekile ukusebenzisa kahle umqondo wakhe, futhi wamukele ngendlela engafanele izincazelo eziphikisanayo ezibekwe umsebenzi.
Nokho lenkantolo ikubeke kwacaca ukuthi okubalulekile kulolu daba ukuthi isinqumo se-CCMA sasiyanelisa yini imibandela yobulungiswa.
