EzosaziwayoIzindaba

Ukhuthaza abesifazane ukuthi bebeke izidingo zabo phambili owayengu-Miss SA

NJENGOBA kusaqhubeka ukubungazwa kwabesifazane ngemigubho neminye imicimbi yokubahlonipha, owaba ngu-Miss South Africa ngo-2019, uZozibini Tunzi ubhale ekhasini lakhe le-Instagram umyalezo obhekiswe kwimbokodo eyigqugquzela ukuthi ibeke izidingo zayo phambili.

Lo zime ongowokudabuka e-Eastern Cape utshele abesifazane ukuthi lomusa nothando abahlale bekudlulisela kwabanye ake bezinike khona, kubheke ngakubo.

Emuva kokuba ingxenye yomgubho obuse-Bloemfontein obubungaza abesifazane abasendimeni yokubuciko futhi obuhlose ukubathuthukisa uZozibini uthe uzizwe evuselelekile waze wafisa ukwabelana nabanye besifazane ngakuzuzile. “Namuhla, kuya phambili ngithemba ukuthi nizozikhombisa umusa nothando enihlezi nikudlulisela kwabanye. Kithi sonke akube ngathi siyaqala ukuba kulelizwe.

“Asazi ukuthi senzani. Siyavuka ziyazama zonke izinsuku, ikakhulu thina besifazane”, kusho yena. Uthe uyazi ukuthi kuyimvelo kwabesifazane ukunakekela abanye abantu beze bengazinaki izidingo zabo.

“Sibahle ekunakekeleni abanye abantu, sifake wonke umfutho ekubasizeni, ngezinye izikhathi size sizikhohlwe thina isikhashana”, kusho yena. Unxuse abesifazane ukuthi bebeke phambili impilo yabo, kebeke bebe nobunja kancane bezigcwalise ngomusa nanothando abalunika abanye abantu kalula. “Ngithemba ukuthi lokhu nizophila ngakho ukuthi ningazigqilazi. Sonke siyafuna, futhi kungenzeka singakutholi konke kodwa kuyingxenye yempilo”, kuphetha yena.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com