
Uzozinikela emaphoyiseni uXolani Khumalo emuva kokuthola ukuthi asezithendeni zakhe ngecala “eliphekiwe”
UMETHULI wohlelo olulwa nobugebengu kuMoja Love TV, iSizok’thola usebikelele amaphoyisa ukuthi uzozinikela kuwona ngoMsombuluko, mhlaka-19 Masingana (January) 2026. Lokhu kuza emuva kokuthi esethole ngemithombo yakhe ukuthi ayamfuna futhi azombopha.
Usihlalo we-ActionSA, uKhumalo aseyilungu layo, u-Micheal Beaumont utshele abezindaba ukuthi bathole ukuthi ilunga labo lifunwa amaphoyisa ngecala elibandakanya umgulukudu oshushumbisa izidakamizwa.
Uthe emuva kokuzwa ukuthi amaphoyisa afuna ukubopha uKhumalo babe sebehlela umhlangano nawo ukuze ezwe ukuthi afunani. Uthe njengeqembu bakholwa ukuthi uKhumalo ulandelwa ngoba ulwa nobugebengu nokudayiswa kwezidakamizwa eKurhuleni.
Uthe kuyaziwa ukuthi kuleli izigebengu zisebenzisana namaphoyisa, yikho bungeke buphele ubugebengu futhi ziyazichanasela. Abantu abalwa nobugebengu yibo okuliwa nabo
Ngokombiko esinawo uKhumalo usolwa ngecala lokushaya emuva kokuba amaphoyisa ehlasele ngenhloso yokuyopequlula emzini womgulukudu oshushumbisa izidakamizwa oseKatlehong, nokuyisigameko esenzeka uKhumalo ekhona.
Ngokusho kwe-ActionSA amaphoyisa athola izinhlamvu ezingenayo i-licence abopha nomsolwa kodwa okuphinde kwezwakala ukuthi usekhululekile engakaveli ngisho enkantolo, nezinhlamvu ezatholakala emzini wakhe zibuyiselwe kuye.
Kuthe esekhishiwe umsolwa wase evulela uKhumalo icala lokushaya “eliphekiwe” nokuyilo amaphoyisa asemfunela lona.
I-ActionSA ithe umsolwa uwumgulukudu osebenzisana nezigebengu eziyingozi futhi ezishushumbisa izidakamizwa zilekelelwa amaphoyisa avele ngekhanda kulobugebengu. Ithe ileli gunundu lezi gebengu uKhumalo ne-ActionSA besebenzisana nezinhlaka ezilwa nobugebengu abalwa nalo.
Uthe iqembu liyameseka uKhumalo futhi lizohambisana naye uma eseyozinikela emaphoyiseni ngoMsombuluko.
