EZISEMATHENIIzindaba

Uzongcwatshwa ngeminikelo yosaziwayo obengumlingisi oqavile kuleli

EMUVA kokubika ngosizi lwakhe ngaphambi kokuba ashone umlingisi obesemnkantshubomvu kuleli, uNandi Nyembe ozakwabo bahlanganise iminikelo ukuze angcwatshwe.

UNyembe (75) ushone ngoMgqibelo emuva kokugula okumxine waze wahamba ngesihlalo esinamasondo. Ukudlula kwakhe emhlabeni kuqinisekiswe umndeni wakhe kanye nomnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko kuzwelonke oholwa ungqongqoshe uMnuz. GaytonMcKenzie.

“Silahlekelwe sonke; iNingizimu Afrika ibhekise amakhanda phansi osizini”, kusho uMnuz. McKenzie.

UMKHAYA uthole ukuthi uNyembe ushone engakalutholi usizo ayeluthenjiswe lona uhulumeni. Uke waqopha i-video ezikhalela ngokungabi namali.

Kule-video uchazile ukuthi imali abeyibekile engu-R88 000 ukhokhe ngayo izindleko zokulashwa kwendodana yakhe.

Umlingisi uSana Mchunu ubize abanye osaziwayo ukuthi befake isandla ukuhlanganisa imali yokungcwaba uNyembe. UMandisi Tshingana ukwaze ukuhlanganisa imali engu-R40 000 nathe uzoyidlulisela emndenini ukuze ukwazi ukuqhubeka nezinye izinhlelo.

“Bafazi ngenxa yesikhathi nesimo. Sizoyidlulisela umndeni kaMama Nandi Nyembe imali isewu-R40 000 ukuze beqhubeke nokwenza ezinye izinhlelo zokulungiselela umngcwabo ngoba sonke siyazi ukuthi umcimbi udinga imali”, kusho uTshingana.

Esithombeni: USana Mchunu

Omunye wosaziwayo ofake imali kuleminikelo u-DJ Zinhle, okuthiwa ufake u-R10 000. Ungqongqoshe u-Gayton McKenzie yena ufake u-R20 000.

Esithombeni: UMandisi Tshingana

Kuzothi ngoLwesine kube nenkonzo yokukhumbula impilo kaNyembe e-Market Theatre, e-Newtown bese umngcwabo ube ngoMgqibelo, mhlaka-30 Ncwaba (August) 2025.

UNyembe kuzokhumbuleka ngemidlalo akhiphe unyawo elingisa kuyo efana ne Yizo Yizo, Zone 14, iSibaya, Soul City, Jacob’s Cross ne House of Zwide avele kuyo isanda kuqala.

Uke wadlala kwifilimi i-Yesterday eqokelwe kuma-Oscar Awards emkhakheni we-Best Foreign Language Film ngo-2005.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com