ABANTUIzindaba

Uwuqale kahle unyaka obengumsakazi kwa-SABC egixabezwa esokuba umphathi

UTHE uqala unyaka wayehlelwa isibusiso obengumsakazi we-Radio 2000, u-Penny Lebyane osegixabezwe isikhundla sokuba inhloko yezokuxhumana enhlanganweni esiza abasweleyo i-Collen Masahwa Foundation (CMF).

Lo msebenzi obalulekile kule nhlangano kulindeleke ukuthi awuqale masisha u-Penny.

I-CMF inhlangano yomphakathi engenzi nzuzo, enenjongo yokulula isandla kubantu esebekhulile, imindeni ephethwe izingane nakulaba abaphila ngokukhubazeka. U-Penny ubelokhu ebonakala kweminye imisebenzi eyenziwa ile nhlangano emiphakathini, nokungabathusanga abaningi ukwethulwa kwakhe njengenhloko yezokuxhumana.

Esithombeni: U-Penny Lebyane noDkt. Collen Mashawana

“I-CMF iyaziqhenya ukumemezela ukuqokwa komsakazi, u-Penny Lebyane njengenhloko entsha yezokuxhumana, nokuwumsebenzi azowuqala ngokushesha. Kulo msebenzi obalulekile kule nhlangano, uNks. Lebyane uzoba izwi le nhlangano emphakathini, anike ubuholi namaqhinga ezokuxhumana ethimbeni elibhekene nalomsebenzi futhi angamele ukuxhumana kwenhlangano nabalingani bayo kanye nazo zonke izinhlaka esebenzisana nazo”, kusho isitatimende se-CMF.

Umsebenzi omkhulu ka-Penny ukusabalalisa umbono wenhlangano njengoba iqala isahluko esisha ngo-2026 kuya phambili. Usebe ngumngani othembekile nomeseki wale nhlangano iminyaka eyishumi nane (14). Ukuqokwa kwakhe kusho lukhulu ekuzinikeleni kwakhe.

Ijoka lakhe likhulu manje njengoba esezoqhoqhobala izintambo zokuhola ezokuxhumana ku-CMF, okumbeka enkundleni yokuhlinzeka ulwazi nobuchule ekwesekeni umsunguli nosihlalo wenhlangano, uDkt. Collen Mashawana namavolontiya asebenzela lenhlangano ezweni lonke.

Ephawula ngokuqokwa kwakhe u-Penny uthe lo msebenzi uwubizo kuyena. Kuzokhumbuleka ukuthi uhlelo ebelwenza ku-Radio 2000 oluthi Inspired Sunday belugxile kakhulu ekukhuthazeni abantu ukuthi benze kahle nokuqhakambisa imisebenzi emihle eyenziwa abantu nezinhlangano emiphakathini.

Ngale kokusakazela i-Radio 2000, u-Penny uke wasakaza ku-Metro FM, waphinde waba ngumethuli wezinhlelo ezehlukene kumabonakude esingabala kuzo oluthi Let’s Talk Papgeld noluthi UnBreak My Heart kuMoja Love TV.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com