EZISEMATHENIImibonoIzindaba

Uhulumeni akasebenzisane namakhosi ukwakha uhlelo lokulawula abantu bokufika ezindaweni zawo

KULEZI nsuku udaba lwabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho lungesinye sezihloko ezihamba phambili. Imikhankaso efana ne-Operation Dudula kanye ne-March and March Movement eholwa u-Jacinta MaNgobese Zuma iyo eyenza lesi sihloko singalali amazolo njengoba iqhubeka nokubakhipha inyumbazane laba.

Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi mkhulu umonakalo odalwe abantu bokufika kuleli, ikakhulu laba abangenazo izimvume zokuba kuleli. Iningi labo lenza imisebenzi yobumnyama, inkohlakalo nobugebengu obubucayi. Kusukela ekudayiseni ugwayi ongekho emthethweni, izidakamizwa, ukuphanga izimoto, ukushushumbisa abantu nokunye okuningi.

Abantu bangaphandle bangena ezweni ngezizathu ezehlukene. Kukhona ababalekela izimpi emazweni abo. Kube khona abaxakwe ububha, abeza kuleli ngoba benomcabango wokuthi kungconywana eNingizimu Afrika. Abanye bazohweba ngamabhizinisi njengoba ubona ama Spaza shops egcwele izwe lonke.

Kuyiqiniso futhi ukuthi abanye bayakwazi ukuthola amathuba okuphila abangawaboni abengabadi, bese bewasebenzisa bephile kahle. Abengabadi beqhubeke nokushizila ezweni labo. Kuyinto eyaziwayo futhi ezindaweni zokusebenza, kusukela emafemini kuya ezindaweni zokudla sekugcwele bona ngenxa yokuthi bayakwazi ukwamukela umholo omncane kubaqashi, abakuleli abawenqabayo.

Uma-ke uyibuka lento yabantu bokufika uzobona ukuthi ihlukene ngezigaba nangezinhloso abeze ngazo.

Abantu abayinkinga kakhulu ilaba abahlezi emadolobheni amakhulu amakhulu. Yibo abazibandakanya nobugebengu obubucayi. Kufanele imikhankaso yokulwa nabo igxile lapho ngoba sebemoshile kakhulu.

Nayo kodwa lemikhakhaso kuzobaluleka ukuthi abayiholayo beqaphele kakhulu abasondela kuyo banenhloso eyodwa yini nabo noma abanye beze ngokunye. Kuhle ukulwela abakuleli ukuba bethola amathuba amahle kodwa kubalulekile nokuqinisekisa ukuthi awuphuli umthetho futhi awulimazi ilungelo lomunye umuntu ngesikhathi esifanayo.

Noma engaba owangaphandle kodwa ungumuntu. Kuyiqiniso futhi ukuthi abanye babo abantu bokufika ikakhulu abasemazweni angomakhelwane bethu, njengoMozambique, Zimbabwe, Swaziland bawusizo kakhulu kulemiphakathi esiphila kuyo emalokishini nasemakhaya. Bona bayakwazi ukwenza imisebenzi laba bengabadi abangasayenzi njengokumba imigodi yezindlu zangasese, ukuhlahla umoba nokuwuhlakulela, ukulusa imfuyo nokunye okuningi.

Nakuba umkhulu umsindo futhi iqina imikhankaso yokuthi abaxoshwe kodwa lapha kuMKHAYA sinombono ohlukile ikakhulu ngalaba abahleli ezindaweni zamakhosi.

Imibuso yamakhosi ihleleke kakhulu. Uhlelo lokulawula abantu abantu bokufika lungenzeka ngempumelelo. Iningi labantu bokufika abakulezi ndawo alenzi ubugebengu kodwa lwenza imisebenzi ehlukene engiyibale ngenhla.

Ngizwile sikhuluma Isilo, uMisuzulu KaZwelithini embizweni ebingoLwesine eMashobeni lapho sicacise khona ukuthi akungashawa muntu kodwa abatshelwe kahle “osbari” ukuthi abahambe. Emadolobheni akulula ukwenza lokho kodwa emakhaya kungenzeka ngoba abakakwazi ukwenza izidleke zokucasha. Nokuthi okunye kufanele kube nolwazi lokuthi kuxoshwa abanjani.

Ohulumeni bonke banemithetho elawula ukungena nokuphuma kwabantu bokufika emazweni awo. Nakuleli ikhona imithetho, yikho nje ukuthi ayiqiniswa okuholela ekutheni kube kwampunzi idla emini.

Ngesikhathi uhulumeni entekenteke, isakhiwo samakhosi singalwelusa uhlelo lokuphatha abantu bokufika abakulezi ndawo. Iningi labantu bokufika laphaya lihlezi emizini yabantu abangumsinsi. Elinye ligada imizi yabo uma besaphumile ngokwemisebenzi ehlukene.

Okungenziwa ukuthi amaphoyisa ezinduna aphume engena ehambe enza lokhu okubizwa nge-profiling yemizi. Uma ethola ukuthi kunowokufika kulelo khaya bese ebhala yonke imininingwane yakhe kuhlanganisa nezwe aphuma kulo ukuze isizwe nesizwe sazi ukuthi sihlezi nobani abavelaphi.

Nasezindaweni zamakhosi kuyenzeka ubugebengu bokugqekezwa kwemizi yabantu, hlampe bungalawuleka uma kungaqala izinhlelo ezinjengalezi ngoba namaphoyisa e-SAPS angakwazi ukuthola imigulukudu egangayo bese izocasha emakhaya. Okusho ukuthi kungafanele abeyingxenye yokwelusa lolu hlelo.

Lokhu kungenza ukuthi kube lula nokubatshela ukuthi abahambe, ngoba ngabe wazi ukuthi ukhuluma nobani. Okwamanje lubukeka lungekho uhlelo oluqondile lokuthi bazoxoshwa kanjani futhi bazotholwaphi.

Iqiniso yikuthi akusibo bonke abantu bokufika abayizigilamkhuba, emakhaya siyabazi abantu abazizamelayo ukuze bephile bondle nabashana. Vele ngeke kuphikwe ukuthi odadewethu babazalele izingane okumele bezondle. Udaba lwabo aluphathwe ngobuntu.

Isigameko sezikhukhula esihlasele eMozambique kulezi nsuku singenze ngabona ukuthi awukho umphefumulo ongabalulekile. Ngibone usizi lwabesifazane nezingane bengenazindawo zokuhlala emuva kokuba izikhukhula zigugule imizi yabo. Ngakho sinxusa ukuba kungafiki empini engaholela ekufeni kwabantu.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com