
UKhoza uwotha ubomvu ngokuqinelwa uDuma Ndlovu ngolwemali yokuqamba izingoma emdlalweni Umkhokha
ICIKO elihlonishwayo eNingizimu Afrika ngokuqhakambisa amahubo nangolwazi oluthinta isintu namagugu akwaZulu, uMbuso Khoza ukhala uyazithulisa ngokuqinelwa uDuma Ndlovu, ongumsunguli womdlalo Umkhokha.
UKhoza usekuveze kaningi ukuthi ukweletwa imali uNdlovu ngokuqamba izingoma emdlalweni oboniswa ku-DStv Channel 161, Mzansi Magic, Umkhokha.
Ubhale ekhasini lakhe lika-Facebook wathi utshelwe ummeli kaNdlovu ukuthi ungu-59% umculo oqanjwe nguye ozwakala emdlalweni Umkhokha.
“Uthi ummeli wakhe angiyeke ukukhuluma noNdlovu kodwa wuye uNdlovu owangicela ukuba ngizongena emdlalweni ngiqambe izingoma. Umbuzo wami uthi bangaki abavalwe imilomo ngamalungelo abo uma ikhehla elingangami lephucwa amandla alo liphila? Esami isibindi asivumi ngoba ngasebenza ngokuzinikela”, kusho uKhoza. Umkhaya.co.za
