
Usizi usomahlaya owavala inzalo unomphela ehlukanisa nomkakhe
U-JUSTICE Kubheka ongusomahlaya odumile kuleli ubhekene nesikhathi esinzima empilweni yakhe njengoba esezinhlelweni zokuhlukanisa nomkakhe, uZama Kubheka.
Okubuhlungu kakhulu ngalokhu ukuthi behlukanisa nje u-Justice ubesevale inzalo, engeke esabathola abantwana ngoba ezitshela ukuthi ngeke ephinde ahlukane noZama.
Ukuvala inzalo kwabesilisa okubizwa phecelezi nge-vasectomy uhlelo lwezempilo lokuvala noma ukunqamula umgudu ohamba isidoda ukuze singadluleli esendeni.
Abangani bakhe bathi bakhathazekile ngaye njengoba ebonisa izimpawu zokuba nokhwantalala. “Simbuzile ukuthi akezanga ngani kithi ngaphambi kokuyokwenza i-vasectomy”, kusho umngani.
“Kunzima ukuqagela ikusasa, kungenzeka noma yini. Njengamanje ubhekene nesikhathi futhi kubuhlungu”, kusho omunye umngani.
Omunye umngani osondelene naye uthe sekunesikhathi kunezinxushunxushu emshadweni wabo.
“Uke wasitshela ukuthi umfazi akasamfuni ngoba uyabheda”, kusho yena.
U-Justice ongesiye umuntu ovame ukudalula izindaba zakhe zangasese umangaze abaningi ephumela obala ezinkundleni zokuxhumana, ebhala ukuthi uyehlukanisa nomkakhe.

Esithombeni: U-Justice Kubheka eshada nomkakhe uZama Kubheka
“Yebo, ngiyehlukanisa. Ngithembeke iminyaka eyishumi (10), angikaze ngiphinge. Nangesikhathi umshado wethu ubhekene nezivivinyo, ngihlale unyaka wonke ngingalwenzi ucansi. Angizisoli ngalutho. Ngenze konke kulomshado. UNkulunkulu ovumele ukuthi uphele”, ubhale kanje.
Abalandeli bakhe bamesekile kakhulu futhi bakhombisa ukuzwelana naye, abaningi bencoma ukuba neqiniso nokuba nesibindi.
Lo somohlaya ongadumile ngezigameko ezibheke eceleni kusazozwakala ukuthi uzokwenzani ngempilo nangomsebenzi wakhe, kodwa okwamanje usagxile ekuzilapheni kulokhu akubiza ngesahluko esibuhlungu kodwa esiza nenkululeko kuye.
Uthe kungamanga ukuthi unokhwantalala. “Amanga ukuthi nginokhwantalala, akekho umuntu oshadela ukuthi ehlukanise. Kuningi engikwenzile ukwenza lomshado ukuthi usebenze kodwa ukuvala inzalo kwaba isinqumo sami njengoba nowesifazane ekwazi ukuvala eyakhe”, kusho yena ekhala ngobuhlungu benhliziyo.
*Lolu daba lucashunwe ezikweni i-TimesLIVE
