
Umnyango wezamajele uvale umpompi wama-tender ngokuzakhela wona izinkwa nokunye obukuthenga
EMIZAMENI yomnyango wezamajele kuleli yokonga imali uqale uhlelo lokuzibhakela izinkwa, esizobiza imali engu-R8 sisinye kunebesibiza u-R23 ebesithengwa ngaphandle.
Ungqongqoshe womnyango uDkt. Pieter Groenewald evula i-bakery esejele, i-Westville Prison ngoLwesine, mhlaka-14 Ncwaba (August) 2025 uthe le-bakery izozimela futhi ayizoncika kakhulu ekuxhasweni uhulumeni ngemali.
Zingamashumi amahlanu (50) iziboshwa ezisebenza e-bakery esejele lase-Westville, ekhiqiza izinkwa ezingu-3800 ngosuku.
“Le-bakery izokongela abakhokhi-ntela imali engu-R3 million ngonyaka. Uma uhlanganisa konke okwenziwayo, nokuphila kwayo kusukela ngonyaka odlule, songe imali yabakhokhi bentela engama-billion amarandi.
“Sizozilimela ukudla, inyama sizoyihlinza ezilwaneni esizozifuyela thina. Lokhu sikwenza ngoba isabelo-mali somnyango sincishiswe ngo-R11.7 million kuleminyaka emihlanu (5) edlule”, kusho yena.
UMlindeni Xaba oboshwe kuleli jele, uthe uthokoze kakhulu ukuba ingxenye yethimba elisebenza kule-bakery. Uthe uyabonga kubasebenzi bomnyango okuyibo ababasize ukuthi bakhethe kahle, manje usezokwazi ukuzisungulela ibhizinisi lakhe uma esephumile ejele ukuze ondle umndeni wakhe.
Lo mnyango udalule ukuthi uzosebenzisana nowemfundo eyisisekelo, ukuze uthenge kuwo i-furnisher efana nezihlalo nokunye okuningi.
