Izindaba

Ukhalelwe Ngamasongo Kasigonyela Owesifazane Obefesa Ngesitifiketi Esiwumbombayi

ULALE ebaliwe owesifazane oneminyaka engamashumi amathathu nane (34) waseNhlazuka emuva kokuyofuna umsebenzi ngesitifiketi sikamatikuletsheni esiwumbombayi. Kuthiwa ifemu abefesa kuyona ibonile ukuthi lesitifiketi sakhe siyasolisa kodwa yangakhombisa zinsolo kuyena kanti izikhulu zizofonela amaphoyisa kwahlelwa ukuthi akabizelwe kwinhlolakhono bese eboshwa.

Ngokusho kwesikhulu sakwandabazabantu kulefemu sithi esehambile lona wesifazane sibe sesisibhekisisa kahle isitifiketi sathola ukuthi asisabeli ndawo, sabe sesifonela amaphoyisa, athi akabizwe zase zimkhalela.

Amaphoyisa asaphenya ukuthi lezitifiketi ezingombombayi zikhiqizwaphi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com