ABANTUIzindaba

Umculi wakuleli nesanciza sakhe basiza izithandani “ezibhonywe” umjolo

BAKHOLELWA ukuthi uthando kufanele kube into emnandi futhi enempilo umculi wakuleli, uSmezi nesithandwa sakhe, uPalisa Setona.

“Angikhohlwa usuku lokuqala esabonana ngalo e-MacDonald, e-KG Mall. Saxoxa ngezinto esizidingayo nesizifunayo kwaze kwashona ilanga”, kusho uPalisa.

“Okunye engikukhumbulayo ingesikhathi sizikhiphile, saphuma saphela nje eGoli”, kusho uSmezi.

USmezi uthe uye abone namanje abantu abahlali isikhathi eside othandweni, kodwa yena usakholelwa othandweni lweqiniso.

Ukhiphe izingoma ezilekelela izithandani ezisafuna ukunikana uthando. Phakathi kwalezingoma kukhona ezithi Kgole, Owakho, Ngiyabonga, Bophelong Baka ezitholakala ku-Google.

Lezi thandani sezihlale iminyaka emihlanu (5) ebudlelwaneni bazo, futhi zinendodakazi enhle ndawonye.

Esithombeni: USmezi nesithandwa sakhe uPalisa Setona benendodakazi yabo

Ngikholwa ukuthi ngathunyelwa uNkulunkulu ukuthi ngizolapha abantu abalinyazwa imijolo”, kusho uSmezi.

“Isithandwa sami sangimangaza ngesidlo esimnandi ngesikhathi sigubha unyaka sithandana, kwathokozisa kakhulu”, kusho uPalesa.

“Ziningi izigameko ezinzima esesike sabhekana nazo, kodwa siyesekana”, kushp uSmezi.

Uthe ucela abantu baxoxe konke othandweni ngoba kuyasiza ukulungisa izinkinga futhi bazuze ndawo abakufisayo njengezithandani.

Iseluleko sabo kubantu abangekho ebudlelwaneni ukuthi bengalilahli ithemba othandweni ngoba bona bakholwa ukuthi wonke umuntu ufanelwe ukuthandwa.

“Izingoma zami ziyasiza ukulapha abantu abadlule ezimpini zothando”, kushp uSmezi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com