
Izindaba ezimnandi kudedelwa u-DJ Chymamusique esibhedlela emuva kokusinda engozini eyathatha u-DJ Poizen
UMDIDIYELI womculo no-DJ ohlonishwayo kuleli, u-Collen Ntala odume ngelika-DJ Chymamusique usezolulamela ekhaya emuva kokudedelwa esibhedlela abelashelwa kusona.
U-DJ Chymamusique wasinda engozini yomgwaqo eyantisa igazi eyadlula emhlabeni nempilo ka-DJ Poizen ku-N1 ePolokwane ngoNcwaba (August).

Esithombeni: U-DJ Chymamusique ephuma esibhedlela
Ubhalele abalandeli ekhasini lakhe le-Facebook emuva kancane nje kokukhishwa esibhedlela.
“Sengikhishiwe esibhedlela ukuze ngelulamele ekhaya. Ngiyabonga imithandazo, ukungeseka nothando. Ngiyathokoza ngempilo”, ubhale kanje.
Imiyalezo yothando nokweseka ilokhu ingene njalo kulo-DJ osenqobe inqwaba yezindondo njengoba eselulamela ekhaya.
Akucaci namanje ukuthi kwaba yini imbangela yale ngozi, okwashona kuyo abanye abantu abawu-4.
