
IMelika izishaya isifuba ngokuhlinzeka iNingizimu Afrika ngemishanguzo yokuvikela iHIV/AIDS
I-UNITED States Mission to South Africa (USMSA) isikhiphe isitatimende izigqaja ngokusiza iNingizimu Afrika ukuba ilwe nnegciwane lengculazi, phecelezi iHIV/AIDS.
Elakuleli lamukele umkhumbi wokuqala obugcwele phama ama-dose angu-37 920 omshanguzo iLenacapavir ngoLwesibili, mhlaka-7 Mbasa (April) 2026, okuwumjovo ozosetshenziswa iziguli kabili ngonyaka ukuvikela lesifo.
Isitatimende se-USMSA sithe lokhu kuzuza kuwuphawu lokuqina kobudlelwane bamazwe, i-US kanjalo neNingizimu Afrika. “Lokhu kusho ukuqina kobudlelwano nokubambisana okuhle phakathi kwe-US neNingizimu Afrika. Ukuzinikela kwe-US kwezempilo emhlabeni wonke.
“Njengomhlinzeki omkhulu we-Global Fund futhi ikhaya leGilead Sciences – okuyinkampani yase-US ekhiqiza lemishanguzo – siyaziqhenya ngokuseka ubuholi baseNingizimu Afrika ukuvikela iHIV”, kusho isitatimende.
“INingizimu Afrika izwe lokuqala e-Afrika ukwamukela iLenacapavir, okuyigxathu elibalulekile ekuhlinzekeni izakhamizi zayo ngohlelo oluphambili lokulapha. Ukuthumela ngempumelelo ama-dose angu-37 920 kubonisa ukuthi lukhulu olungazuzwa uma ohulumeni, izinhlangano zomhlaba nezinkampani ezizimele bengasebenzisana”, kusho lesitatimende.
