
“UMbali kumele ngabe ubonga uSamkelo ngokumgeza ayeke iminciza” – Kusho abantu
EMUVA kwezithombe ezifakwe UMKHAYA ngoLwesihlanu ebusuku, zitshengisa uguquko empilweni kaMbali Dlamini owaziya njenge-content creator, abafundi boMkhaya bazwakalise imibono eyehlukene.
Cishe ingxenye enkulu yabafundi ibinxusa uMbali ukuthi azehlise abonge uSankelo Shezi naye oyi-content creator ngokumsiza ukushintsha yakhe ibe ngcono kunaphambilini.
UMbali uqale ukubonakala ezinkundleni zokuxhumana efaka izingubo ezimenza abukeke njengentombazane yasemakhaya “eyisinayi”. Kuthe esehlangane noSamkelo kwaba sengathi bayajola.
Ilapho okuqale khona ukubonakala koshintsho empilweni yakhe eseqala nokuhamba izindawo eziphambili. Kuphinde kwabonakala abakhongi beyolobola kwaMbali, nokuyinto athe wayengeke ayivume ukube wayazi ukuthi kuyadlalwa.

Esithombeni: Kubonakala ushintsho olwenzeka empilweni kaMbali Dlamini
“Ngabe kungcono ukube wangitshela ukuthi senza i-content. Ngaze ngavuma ukuthi si-fake “amalobolobo” ngoba ngithi ngisiza yena ukuthi enze imali. Mina ngangitshela ukuthi uyangithanda ngangingazi ukuthi kuphilwa impilo yamanga”, kusho uMbali.
Laba muva nje sebeyinkukhu nempaka, banikizana emakhasini abo nakuma-podcast ehlukene.
Muva nje uSamkelo usanda kubhala ekhasini lakhe lika-Facebook ukuthi uMbali kaphume kuye, ayeke ukude ekhuluma ngaye.

Esithombeni: USamkelo Shezi noMbali Dlamini ngosuku “lokulotsholwa” kukaMbali ngesikhathi izinto zisahamba kahle
“Njengoba u-busy ngegama lami kuma-podcast wenza imali ngami sukhohliwe kuthi usukaphi, phuma kumina mfethu, hlukana negama lami ngiphumile kuwe mina. Uhamba ukhuluma ngami sukhohliwe okuhle engikwenzile kuwe, umuntu umuntu”, kusho uSamkelo.
Nokho kunesisho sesiZulu esithi eyababili ayingenwa. Kulezi nsuku kunowesifazane ongaziwa asevame ukuthwebula izithombe enaye uSamkelo, futhi usekusho kaningi ukuthi usezitholele ikhalathi. Akwaziwa mbhantshi kujiya.

Esithombeni: USamkelo Shezi nesinqandamathe sakhe esisha
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bazwakalise ukuthi yonke lento kaSamkelo iyi-content wenzela ukuhlezi esezindabeni futhi enakiwe.
Abafundi boMkhaya baphawule bathi: “Cha kodwa mina ngiwuMbali ngabe ngiyamubonga uSamkelo.. yey, cha umugezile ngathi everyday ubemumela nge pharishi ne movite, mephuma lapho athi [nanti] isaka geza sisi”, kusho uNonzuzo Sthole. UMtimande Kangwenya uthe: “Cha noma kuthiwa bekuyi-content ntoni ntoni, kodwa lomfana wakaShezi udlale indima enkulu empilweni yale ntombazane. “Mina lo sisi ngimaze ese-busy noShezi.. ey beku njena kanti?”, kusho uNtozakhe Zinqa’ezibandayo Rafida, kanti uMazikode Ozalwa Oyengweni uthe: “Ngithanda ngoba uMbali akasafani nezolo lakhe futhi impilo iyaqhubeka osabuka izolo likaMbali okwakhe lokho”.
