EZISEMATHENIIzindaba

UMkhwanazi usewamisile amaphoyisa ahambise umfundi ku-matric dance

EMUVA kwesigameko esisuse umsindo ezinkundleni sokubonakala kwe-video eveza i-van yamaphoyisa ihambisa abafundi emcimbini obizwa nge-matric dance e-Escourt, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi useyalele ukuthi amiswe amaphoyisa enze lokhu.

Esitatimendeni esikhishwe amaphoyisa ngoLwesine kubikwe ukuthi lamaphoyisa abonakala ku-video abesemsebenzini ngesikhathi ehambisa esikoleni umfundi ozalwa elinye iphoyisa. Ngokwenza lokhu abukele phansi umsebenzi wawo wokubonakala emphakathini ewusebenzela, elandelela izikhalo zawo, futhi egcine izakhamizi ziphephile.

“Sengiyalele umkhuzi wamaphoyisa esifundeni uThukela ukuthi aqinisekise ukuthi ukhomanda wawo lamaphoyisa uthatha izinyathelo ezinqala futhi aqondiswe izigwegwe lamaphoyisa. Ngeke sikubekezelele ukuthi sibe namaphoyisa azongena emsebenzini bese esebenzisa izinsisa kusebenza zombuso ukwenza izinto eziqondene nawo.

“Ngiphinde ngayalela ukuba ukuba abasebenzi behhovisi lethu lezimali nokuthenga ukuthi bebheke ukuthi imalini emoshiwe yombuso ngalolu hambo obelungagunyaziwe. U-petrol wombuso, isikhathi, nezindleko zokuhamba kwemoto kufanele kubalwe kuwo lamaphoyisa.

“Abantu emphakathini bahlale bekhalaza njalo mabefona ukuthi amaphoyisa athi awekho eziteshini ama-van, ekubeni kunamaphoyisa azitshabazelayo ngezimoto zombuso okufanele ngabe zisiza imiphakathi”, kusho u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi.

Esitatimendeni kubhalwe ukuthi amaphoyisa kumele akhumbule ukusebenza ngokwezinga eliphezulu futhi avikele isithombe sombutho. Izinsiza ezincane ezikhona kufanele zisetshenziswe emisebenzi egunyaziwe.

Siqhubeke sathi wonke umuntu ozotholakala esebenzisa kabi izimoto zombuso, nezinye izinsiza uzohlangabezana nezimbila zithutha.Uthe kusazophenywa ngokuziphatha kwamaphoyisa amisiwe, futhi uma etholakala enecala azoqondiswa izigwegwe. “Uma kunesidingo angavulelwa elingawaxoshisa emsebenzini”, kusho isitatimende samaphoyisa.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com