
UMkhwanazi uthi uMchunu wasebenzisa isikhundla sakhe ukuphazamisa amaphoyisa kwaDukuza naseMandeni
OSUKWINI lwesithathu ethula ubufakazi kwiMadlanga Commission, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi uveze ukuthi ungqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke, uMnuz. Senzo Mchunu wazama ukungenelela ekusebenzeni kwamaphoyisa ukufeza izinhloso zezepolitiki ezigamekweni ezimbili esifundeni seLembe.
Uthe uMajor General Anthony Gopaul ongumkhuzi wamaphoyisa esifundeni iLembe wamtshela ukuthi uMchunu waxhumana naye emuva kokubulawa kwekhansela le-ANC eMandeni, uMnuz. Phelelisani Mabhida.
Utshele lekhomishani ukuthi kwaboshwa abasolwa ababili ngokufa kwalelikhansela.
“UGopaul wangitshela ukuthi ngomhlaka-5 Nhlolanja (February) 2025 uMchunu wamfonela ebuza ukuthi kwenzakaleni.
UGopaul wamtshela uMchunu ukuthi udaba lokubulawa kwekhansela sebelidlulisele ophikweni oluphenya amacala okubulawa kosopolitiki.
Ngokusho kukaGopaul kwamcasula kakhulu lokho uMchunu yize [uGopaul] wamchazela ukuthi wenze lokhu ngokwazi ukuthi leli thimba linazo zonke izinsiza zokuphenya nokulandelela amacala aloluhlobo”, kusho uMkhwanazi.
Uqhubeke wathi uGopaul waqhubeka wamtshela ukuthi mhlaka-15 Nhlolanja 2025 waphinde wafona futhi uMchunu efuna ukwazi ukuthi kwenzakalani ngecala.
“UGopaul wangitshela ukuthi wamtshela uMchunu ukuthi kungakuhle axhumane nalo ngqo ithimba eliphenyayo ngoba yena kaphenyi. Wabe esethi uMchunu kulungile kasadingi lutho ngalolu daba”.
UMkhwanazi uphinde wadalula ukuthi ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho lokuchibiyela kumasipala wakwaDukuza, uMchunu wafika ezokhankasa njengesithunywa seqembu lakhe i-ANC. Ube eseya ku-Major General Gopaul efuna ukuzwa ukuthi kuqhubekani ngecala athi libekwe uMnuz. Doeshiee Govender owayesanda kulaxaza i-ANC wabe esengenela ukhetho lokuchibiyela ku-ward 28 KwaDukuza emele i-MK Party.
Ngaphambi kwalokho u-Govender wayeyikhansela kuyo le-ward emele i-ANC.
UGopaul umazisile uMkhwanazi ngokubuzwe uMchunu, kodwa wamangazwa ukuthi yini engenza ungqongqoshe kazwelonke afune ukuzwa imininingwane yecala kumphathi wesifunda angaxhumani nobuholi bamaphoyisa esifundazweni. Okunye okwavusa izinhlonzi ukuthi uMnuz. Govender wayengenele ukhetho ebanga nomele iqembu lakhe uMchunu ngakho kwacaca ukuthi wayefuna ukusebenzisa amaphoyisa ukulwa izimpi zepolitiki.
“UMchunu wayefuna amaphoyisa abophe ilungu leqembu elibanga nelakhe ukuze lingabe lisalungenela ukhetho lwe-ward”, kusho uMkhwanazi.
Uthe ngebhadi amalungu eqembu aluma indlebe uMchunu ngaleli cala aphambanisa ngoba umuntu owayenecala umfowabo ka-Govender.
*Umthombo: Madlanga Commission
