EZISEMATHENI

Udalule imfihlo kungcwatshwa uyise emuva kokugoloza ibhadi ukumngcwaba

UTHUSE abebehambele umngcwabo kababa wakhe umlisa waseMgungundlovu edalula imfihlo aqale ukuzwa ngayo eseshonile.

NAKHONA kusize ukuba ahlinzekwe ngosizo oluyisipesheli lokululekwa ngokwengqondo uZakhele Cindi ukuze agcine ekwazile ukungcwaba ubaba wakhe abefunge wagomela ukuthi kasoze amngcwabe.

UCindi usho lokhu emuva kokudlula emhlabeni kukababa wakhe, uKhipha Conco akhale ngokuthi akamazi empilweni yakhe. UChonco ubesehlale isikhathi eside emakhazeni njengoba indondana yakhe ibinqaba ukumgcwaba ikhala ngokuthi akayikhulisanga futhi wayilahla kunalokho wancamela ukukhulisa izingane zeshende.

Okukhalisa kakhulu uCindi ukuthi uyise akamenzelanga ngisho umazisi, ngaphezu kwalokho wamenzela incwadi eyisivimbelo ukuthi esondele eduze kwakhe.

Umngcwabo kaChonco ubusehholo lomphakathi eCopesville, eMgungundlovu. Ubuhanjelwe incosana yamalungu omphakathi.

Esithombeni: Bekuqhubeka inkonzo yomngcwabo kaKhipha Chonco eMgungundlovu

Ekhuluma emngcwabeni kababa wakhe uCindi uthuse abaningi edalula ukuthi usanda kuhlangana nomfowabo abengamazi njengoba ubaba wabo engakaze azihluphe ngokubahlanganisa. Uthe ubaba wabo ubefana nephara. “Ubaba uyiphila njengephara, engenazo ngisho izingubo zokugqoka. Yingakho kungekho ngisho ingubo phezu kwebhokisi lakhe”, kusho yena.

Uthe useyenza nje ngoba vele useshonile, angeke esabhekana naye.

Uqhubeke wadalula ukuthi ngesikhathi eshonelwe ingane yakhe kanye nomama wayo ubaba wakhe wayejabula.

“Ngashonelwa ingane yami kanye nomama wayo ngesikhathi esisodwa. Kwathi mhla sengibafihla ngangingedwa ubaba yena wayenza i-party nomndeni wakhe omusha, kepha namuhla sekumele kube yimi omngcwabayo”, kusho yena.

Emuva kokuba sematheni kwendaba kaChonco abenkampani yabangcwabi, iSibiya Funeral Services izinikele yathembisa uCindi ukuthi izomsiza ukungcwaba ubaba wakhe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com