
Kuphithane amakhanda uMatlala enqaba ukuhanjiswa amaphoyisa ukuyofakaza ekomitini lephalamende
KUPHOQE amalungu ekomiti lesikhashana lephalamende eliphenya izinsolo ezenziwa umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt. Col. Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi aqhamuke nohlelo olusha lokwethula ubufakazi kukasomabhizinisi oyisigebengu, uMnuz. Vusimuzi “Cat” Matlala, emuva kokunqaba ukuvela kulo ephekezelwa amaphoyisa.
UMatlala osekhaleni lezinsolo ezenziwa uMkhwanazi, ungomunye wofakazi abasohlwini ikomiti elihlele ukuthi bavele kule khomishani.
Ngokombiko esinawo losomabhizinisi uzimisele ukwethula ubufakazi kule khomishani, kodwa ngaphansi kombandela wokuthi kungabi amaphoyisa azomgada uma eseyofakaza. Nokho lombandela uyingcuphe futhi umelene nomthetho njengoba zonke iziboshwa zigadwa amaphoyisa nabasebenzi bomnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo uma ziphumela ngaphandle kwejele.

Esithombeni: UVusimuzi “Cat” Matlala, umkakhe nabanye aboshwe nabo evele enkantolo
Umthombo osondolene nekomiti lephalamende udalule ukuthi udaba lukaMatlala luwaphithanise ngamakhanda amalungu ephalamende njengoba kuphoqe ukuthi aqhamuke masisha nohlelo olusha futhi oluphephile azofakaza ngalo ngaphandle kokululaza izinhlaka eziqinisa umthetho.
Lomthombo udalule ukuthi enye indlela ecatshangwa amalungu ephalamende ukuba uMatlala afakaze ngohlelo lwezobuchwepheshe olubizwa nge-virtual link esejele aboshwe kulo iKgosi Mampuru Prison.
Kusenjalo, ummeli kaMatlala uhoxile ekumumeleni ecaleni lokubulala eliqhubekayo abekwe lona nomkakhe. Labashadikazi sebeqashe ummeli omusha, kanti icala labo selidluliselwe e-High Court.
UMatlala, umkakhe nabanye ababoshwe nabo bazovela enkantolo ngomhlaka-29 Masingana (January) 2026.
