
Ubuhixihixi emakethe kuholele ekuvalweni kweShowmax
NGOLWESINE, mhlaka-5 Ndasa (March) 2026 iShowmax imemezele ukuthi izokumisa ukusebenza kwayo eNingizimu Afrika.
Lesi sinqumo sithathwe emuva kokuba lenkampani ebonisa imidlalo kamabonakude icubungule kabanzi izibalo zokubukwa kwayo kwaMultichoice.
IMultichoice ithe isinqumo sokuvalwa ngezigaba kweShowmax silandela uhlelo lwayo lokugxila ekuqapheni indlela okusetshenziswa ngayo imali nokubheka amathuba okuyitshala enkundleni enkulu yomhlaba.
“Ukulahlekelwa kakhulu okuhaqe ibhizinisi leShowmax kuqinisekise ukuthi alenzi kahle”, kusho iMultichoice.
Kunemibiko ethi lenkampani ilahlekelwe imali engu-5 billion ngo-2025.
ICanal+ okuyiyo elawula izinhlelo zeShowmax ihlela ukusebenzisa inkundla yayo engaphakathi ezokwazi ukuhlangabezana nezimfuno zamakhasimende ase-Afrika nawomhlaba wonke.
“ICanal+ izoqhubeka nokutshala ezinhlelo zeqophelo le-premium kumakhasimende eMultichoice, ukuqamba ngobuchwepheshe kanye nnokwakha ukusebenzisana okunenzuzo ukuze kuqine uhlelo lokwelusa ibhizinisi layo.
Imininingwane eminingi ngezinhlelo ezizayo nohlelo lokuthuthukisa inkundla kuzokwabelwana ngakho ngesikhathi esifanele.
Esitatimendeni ebesibhekiswe kumakhasimende, iMultichoice ithe akukho ukuphazamiseka okuzoba khona ezinhlelweni zayo. “Nizoqhubeka nokubuka izinhlelo njengokujwayelekile, futhi okudingeka ukuba nikwenza”.
“Sizokwabelana ngemininingwane ethe xaxa kusenesikhathi, kuhlanganisa izikhathi neminye iminyakazo yekusasa uma kunesidingo”, kusho isitatimende.
