Izindaba

Kuboshwe iphoyisa nendoda ebiphethe inyanda yezibhamu eMarianhill Toll

ITHELE izithelo ezinhle imvimbamgwaqo yamaphoyisa e-KwaZulu-Natal Road Traffic Inspectorate (RTI) ebambisene nakamasipala waseThekwini ngesikhathi kubanjwa oqotsheni iphoyisa nomdayisi wezibhamu bephethe izibhamu nezinhlamvu ezingamakhulu ayisishiyagalombili (800) eMarianhill Toll Plaza, KwaZulu-Natali ngoMsombuluko.

Amaphoyisa abevimbe emgwaqeni u-N3 amise imoto ku-tollgate emuva kokuthola ulwazi lwezobunhloli ukuthi kunemoto ethutha izibhamu nezinhlamvu ngokungemthetho.

Ngokusho kwamaphoyisa lemoto ibilayishe izibhamu nezikhali ezihlukene kanye nezinhlamvu ezingu-800 ngesikhathi imiswa futhi ipeqululwa.

Amaphoyisa athe umsolwa wokuqala ongumdayisi wezibhamu kanye nephoyisa abehamba nalo baboshiwe futhi kusaqhutshekwa nophenyo.

Aqhubeke athi abambe laba evele esemkhankasweni omkhulu wokuvimba ukushushumbiswa kwezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni emigwaqeni yaseNingizimu Afrika.

Esithombeni: Umphathiswa wezokuthutha esifundazweni sakwaZulu-Natali, uMnuz. Sboniso Duma namaphoyisa kamasipala waseThekwini bebuka izibhamu

Izibhamu ezingekho emthethweni izona ezisetshenziswayo ukwenza ubugebengu okunodlame ezweni lonke, okuyikho okuholele ekutheni kuqiniswe imikhankaso yokuvimba emigwaqweni emikhulu kusetshenziswa nezobunhloli.

Bobali abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo ngamacala okuphatha nokushushumbisa izibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni kanti uphenyo lusaqhubeka.

Eminye imininingwane ethinta ukuthi izibhamu azikaze yini zisetshenziswe ebugebengwini obehlukene izokhishwa amaphoyisa maduze.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com