
Sekuphinde kwagadla komunye umfundi ukufa e-DUT
KUNGAKAPHELI ngisho isonto kusalilelwa ukudlula komfundi wase-Durban University of Technology (DUT) uSphiwokuhle Madela ozibulele sekuphinde kwagadla ukufa kulesi sikhungo semfundo ephakeme.
UManqoba Mnyandu (20) obekubikwe ukuthi unyamalele ngoLwesibili ngesonto eledlule emuva kokuphuma endlini waya e-tuckshop utholakale eseshonile.
Lo mfundi wesilisa obenza unyaka wesithathu (3) ezifundweni zobuhlengikazi eNdumiso campus uphume endlini eseMbali ahlala kuyo nozakwabo ewumuntu oya e-tuckshop eseduze kodwa wangaphinde wabuya.
Ngokusho kukazwakabo abehlala naye ngesikhathi ephuma endlini ushiye umakhalekhukhwini wakhe ngoba ubevele ezosheshe ebuye.
Kuthe uma ebona kuphela isikhathi eside engabuyi, wahlaba umkhosi futhi wabikela namaphoyisa.
Bese kuphele isonto engatholakali. Egcina ukubonakala wayegqoke ikepisi emhlophe, i-jacket e-grey nebhulukwe eli-brown.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natali u-Colonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukutholakala kukaMnyandu ngoLwesine eduze kwehlathi eliseduze kwalapho abebehlala khona.
“Akwaziwa okwamanje ukuthi yini eholele ekufeni kwakhe kodwa kusaphenywa. Sekuvulwe icala lokubulala njengoba amaphoyisa esaqhubeka nokuhlanganisa ubufakazi”, kusho u-Col. Netshiunda.
Imibiko engakaqinisekiswa ithi kunezinsolo eziqinile zokuthi noMnyandu uzibulele ehlathini atholakale kulo.
