
Incwadi kaJobe eBhayibhelini iyisifundo esihle sokuqonda ukuthi izimo ezinzima ziyafika empilweni, zisilungisele isikhathi esilandelayo bese ziyedlula
ANGISHUMAYELI nhlobo futhi angifaki imfundiso yokukholwa eBhayibhelini kodwa yabona ukube incwadi kaJobe asizange siyilotshelwe ngabe maningi amaliba abantu abasheshe beqede ngempilo yabo ngenxa yobunzima obukhona ezweni.
Ubunzima abusibona obendlala kuphela kodwa ziningi izimo ezikhathaza imiphefumulo yabantu. Kwala bethandaza, nsuku zonke kodwa kungashintshi lutho becwile osizini beze bebizwe yilo ulwandle olubutha konke – ukufa.
UNKULUNKULU ambuke umuntu wakhe edliwa ukuhlupheka, ekakwe ububha, ezama kungalungi, ecela engaphiwa, ekhala kungezwakali. Kodwa incwadi kaJobe iqukethe ingcebo ehlalisa ithemba nalapho kungasathembisi.
Lencwadi isitshela ngokuqonda ubuNkulunkulu nemisebenzi yakhe. Ukuthi uNkulunkulu kalethi okuhle kuphela kepha uyamfaka umuntu wakhe nasezimeni ezingabekezeleleki. Lencwadi ifundisa ukuthi uNkulunkulu kasiye owabahanjelwa kahle izinto kuphela kodwa nabangalungelwa lutho ungowabo.
Nesimo esixakile uyasiletha ngesizathu sakhe, akukho sono esingaletha inhlupheko kepha konke kuyisikhathi esibekwe uNkulunkulu umuntu adlula kuso.
Ezimeni zonke futhi ezehlukene ngokungalingani kwabantu, uNkulunkulu uthwele ubuhlakani bonke bokusiphilisa sonke siphefumule umoya ofanayo. Awukho owabacebile nabalungelwa izinto, bese kuba khona owabampofu nabangalungelwa izinto.
Incwadi kaJobe isitshela ukuba singamungabazi nxa sibhekene nobunzima ngoba, konke okusivelelayo kuvela kuye. Lencwadi itshala kumuntu ukholo oluqinile ngobukhulu bukamenzi wezulu nomhlaba, abantu nezilwane, umhlabathi namanzi, okuphezulu emkhathini nokuphansi komhlaba.
Isahluko lesi sikaJobe eBhayibhelini sesihlenge imiphefumulo eminingi ephelelwe ithemba, ngoba sifundisa ukuthi ume ngisho kungasathembisi ngoba othembisile uthembekile. Ngokubhalwe encwadini kaJobe, kuthiwa wamthemba uNkulunkulu ngisho ababemkakile bengasenathemba ngaye. Sekumdlile kwamqeda ukugula sekusele ukuba afe kepha, wamethemba ngoba wayekuqonda ukuthi uthembekile zikhathi zonke.
Incwadi kaJobe isitshela ukuthi uNkulunkulu kadideki, ngakho konke okusehlelayo kungokwethu futhi kusifanele. Ukwenza kwakhe kulungile konke, kusilungele ngezikhathi zonke. Noma kukuhle noma kukubi.
Noma ngabe lokhu okubhalwe kuleyancwadi kuwumcabango nje womuntu, okanye waba khona ngempela umuntu owuJobe. Kumele simbonge ongabonwayo ngayo ngoba usuku nosuku itshala ithemba elisha.
