
BAVUSA UMGQUMENI NGOMCULO WABO ABAKA MASKANDI
IQEMBU lezinsizwa ezimbili ezicula umaskandi, Abafana BakaMgqumeni lizokhipha amanoni azokhumbuza abantu umculo kaMgqumeni kwi-album yalo ethi i-Love Bite. Leli qembu selokhu lagcine ukukhipha umculo ngo-2022 nge-album ethi Iphakade Lami.
Amalungu aleli qembu azalwa enye inkakha kamaskandi eseyadlula emhlabeni, uMahawukela owayebizwa ngokuthi igcokama likaMseleku. Ngaphambi kokushona kwakhe [uMahawukela] udlulisele ulwazi lwakhe lo mculo koMgqumeni, Muhle noKhaya.
Laba bobathathu babe sebeqala iqembu abalibize ngokuthi Abafana BakaMahawukela. Kuthe uMgqumeni esaphila naye waqeqesha izinsizwa uNelisani ‘Ndlemnyama’ Mseleku noSakhiseni ‘Skhevane’ Mseleku ngolwazi lo mculo. Yibo-ke laba abavusa umculo wakhe futhi baziqamba ngokuthi bangabafana bakhe.
“Indlela esiwenza ngayo umculo sifuna ukuqhubeka nendlela endala obekwenziwa ngayo umculo ngakithi. Isibongo sakwaMseleku saziwa ngekhono lokukwazi ukuqamba umculo. Maningi amakhono abantu bakwaMseleke abenze ezibukwayo emculweni abanye abangakaze behlonishwe”, Kusho uNelisani ekhuluma nephephandaba i-TimeSLIVE.
Abafana BakaMgqumeni baqale ukwenza umculo ngo-2012 kanti babhekane nezinselelo eziningi. “Inkampani ebiqopha umculo kaMgqumeni isixoshile emuv nje kancane kokushona kwakhe. Sibe sesiqala phansi senza ama-demo siwathumela kwezinye izinkampani ukuze zisinike ithuba lokuqopha. Ngeshwa bezingasiniki ithuba ngoba bezitshelwe ukuthi zingalokothi.
“Okunye okwasihlukumeza kakhulu ukuvela komuntu ngo-2012 owazibiza ngoMgqumeni, kwasihlukumeza kakhulu lokho kanye nomndeni wakhe uMgqumeni nezingane zakhe”, kuqhubeka uNelisani.
Nakuba kuningi ababhekane nakho kule ndima yomculo laba bobabili kodwa abakaze baliphose ithawula njengoba bebelokhu bewa bevuka.
“Yize bezikhona izinselelo endleleni yethu kodwa uNkulunkulu obelokhu enathi njalo. Siqokwe emikhakheni yezindondo eminingi ehlukene sakwazi ukuhlabana kweyisishiyagalombili (8). Sike samenywa e-Russia ngesikhathi kuqhubeka indebe yomhlaba ngo-2018 nase-Seychelles sike saya siyonandisa”, kuphetha yena,
