Izindaba

Libondwe ngommese lafa iphoyisa kubangwa ubhiya

EMPINI ebithathwa njengencane kubangwa ibhodlela likabhiya, ligcine liswele impilo yalo iphoyisa lase-North West.

Amaphoyisa akulesi sifundazwe akuqinisekisile ukuthi iphoyisa ebelingekho emsebenzini, u-Sgt. Christopher Lechuti (47) ushonile emuva kokugwazwa ngoxhaxha lwamanxeba ngoMgqibelo, mhlaka-8 Nhlolanja (February) 2026.

Ngokusho komkhuzi wamaphoyisa esifundazweni, u-Lt. Gen. Ryno Naidoo leli phoyisa libulawe ngokugwazwa entanyeni endaweni yokucima ukoma e-Christiana e-Bloemhof.

“U-Sergeant Christopher Lechuti obengekho emsebenzini ngesikhathi kwenzeka lesigameko, kusolwa ukuthi ubehlezi nelungu lomndeni wakhe endaweni yokucima ukoma ngesikhathi abesilisa ababili (2) bechitha utshwala bakhe, okulandelwe ingxabano.

Kusolwa ukuthi omunye walamadoda ugwaze uLechuti ngommese entanyeni washonela khona lapho”, kusho u-Naidoo.

ULechuti uphuthunyiswe emtholampilo oseduze ngeshwa ukufa kwamenela esanda kufika

Emuva kokufa kwakhe amaphoyisa aqale uhlelo olungamahora angamashumi ayisikhombisa nambili (72) ukubheka ethole abasolwa. “Kube sekuboshwa umsolwa oneminyaka engamashumi amane nambili (42) ozinikele esiteshini samaphoyisa sase-Christiana ngoMgqibelo. Kuthe ngeSonto kwaphinde kwaboshwa omunye umsolwa oneminyaka engamashumi amathathu nambili (32) khona e-Christiana”, kusho u-Naidoo.

Uthe leli cala lizophenywa uphiko lwamaphoyisa olubizwa ngama-Hawks. Ukhalisane nomndeni, abangani nozakwabo ngokulahlekelwa omunye wabo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com