Izindaba

KULUNGISWA UMONAKALO NGOKUMBULWA KWESICHUSE SELEMBE ESISHA

KONKE kumi ngomumo njengoba kuzokwembulwa isithombe esikhulu esibaziwe seNkosi uShaka kaSenzangakhona esikhumulweni sezindiza esikwaZulu-Natali, i-King Shaka International Airport. ISilo uMisuzulu KaZwelithini umemezele ukuthi lo mcimbi uzoba mhla ziyisikhombisa kuLwezi, lapho azokhuluma khona nesizwe ebambisene nomengameli uMnuz. Cyril Ramaphosa.

Lesi sichuse sisuse umsindo ngesikhathi siqala ukwakhiwa njengoba iSilo esakhothama uZwelithini kaBhekuzulu sasikhala ngokuthi sidicilela phansi isithunzi sikayisemkhulu simveza njengomelusi wezinkomo.

Isithombe: Isichuse seLembe lilusa izinkomo ebesakhiwe ekuqaleni sabuye sabhidlizwa

Ngaleso sikhathi lo mfanekiso ubukhombisa iNkosi uShaka emi eduze kwenkunzi. Uhulumeni kanye ne-Airports Company South Africa kwadingeka ukuthi basisuse benze umfanekiso omusha.

Lo mcimbi wokumbulwa kwesithombe seLembe uxhaswe uhulumeni kazwelonke, owesifundazwe sakwaZulu-Natali kanye ne-Airports Company of South Africa (ACSA).

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com