EZEMIDLALOIzindaba

Balulama kahle esibhedlela abe-Pirates

BATHOLA ukwelashwa okusezingeni eliphezulu abasebenzi be-Orlando Pirates abayisithupha (6) kuhlanganisa nomqeqeshi wayo, u-Abdeslam Ouaddou abalimale engozini yemoto ku-R21 ngeSonto.

Phakathi kwabanye abalimele umdlali wasemuva, uThaphelo Xoki nonozinti u-Tyrone Damons yena ophuke umlenze wabonwa udokotela ngoMsombuluko ekuseni.

Laba balimale bephuma eGqeberha emuva komdlalo we-Betway Premiership abadle kuwo i-Chippa United ngamagoli amathathu eqandeni (3-0).

Ngokwesitatimende esikhishwe iqembu ngoLwesibili, abalimele bebebuya eGqeberha babona izimoto zishayisene futhi kunabantu abalimele, bedinga usizo.

Bamile basiza abalimele, kanti bazothi besasiza kwaqhamuka imoto eyi-van, i-Nissan NP 200 yashayisa izimoto ebezimile kwashayiseka nabantu abebemi eduze kwazo.

Baphuthunyiswe esibhedlela lapho abathola khona ukwelashwa.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com