Izindaba

Umafikizolo uthengele umlandeli wakhe osemncane umfaniswano wesikole

WENZE into engajwayelekile umculi kamaskandi, Umafikizolo wengoma ethakaselwa kakhulu kulezi nsuku ethi Uyoncengwa Unyoko ethengela umfanyana osemncane ongumlandeli wakhe umfaniswano wesikole.

Lokhu Umafikizolo ukwenze emuva kokusabalala kwe-video yakhe lomfanyana edansela yona lengoma kaMafikizolo esematheni.

Abantu bachazekile ngendlela abenza ngayo lo mlandeli bafisa ukuthi athengelwe umfaniswano wesikole ngoba bekubonakala ukuthi abewugqokile ubungekho esimeni esikahle.

Nebala Umafikizolo usifezile isifiso sabalandeli futhi akagcinanga lapho uthole ukuthi umlandeli wakhe uyiwele walithengela nalo.

“Ngithunywe abazali kanye nothisha bakhona eLokothwayo [Primary School] benqwele yami la bathi angizobonga kwabaphosile kwande labathathe khona. Nami ngigcine ngibathengela bobabili – njengoba kugcine kuvela ukuthi unewele – ama-traksuit kanye nomfaniswano ophelele bobabili siyabonga”, kusho Umafikizolo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com