EZISEMATHENI

Izidubedube zakwaMai Mai sezimdonsele amanzi ngomsele uNgizwe

KUBONAKALA sengathi liyehla isasasa lokulandelwa kowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu emuva kwezidubedube ezenzeke endaweni yokuzijabulisa, KwaMai Mai eGoli ngeSonto ntambama.

UNgizwe ubelokhu eyivubela ebiza abalandeli bakhe ukuthi akuyiwe kwaMai Mai ukuyoqhuba umkhankaso wakhe wokulwa nabathandana benobulili obufanayo nobabo okubizwa nge-LGBTIQA+.

Lo mkhankaso uqale ukhuluma ngodaba lokugqokwa ngokungafanele kwemvunulo kodwa manje usujikile njengoba usugxile ngqo kwinzondo ebhekiswe kubo.

Abaningi sebewusebenzisela ukucwasa umphakathi we-LGBTIQA+, osekunenqwaba yezigameko zokubulawa kwamalungu awo emiphakathini.

Asabalele ezinkundleni zokuxhumana ama-video lapho uNgizwe neqembu lapho bebeviliyela bephikelele KwaMai Mai obekungaqondakali ukuthi bebeyokwezani. Kuleyandawo babhekane nezimbila zithutha njengoba abaphathi bayo bebala ukhasha besizwa amaphoyisa bengafuni nokuyizwa ekaNgizwe neqembu lakhe.

Uvinjelwe ukungena ngaphakathi, kwaboshwa nabanye abayishumi nambili (12) abehamba nabo.

Emuva kancane nje kwalesigameko, isigayigayi sensizwa yakwaNongoma esike sezwakalisa ukumeseka uNgizwe, uNkosikhona “Phakelum’thakathi” Ndabandaba sibhale ekhasini laso lika-Facebook ukuthi: “Into engenanhlonipho angibe ngisangena kuyo noma ngabe yinhle kanjani. Singakwenza konke ngenhlonipho nentobeko the results will still be the same”.

Esithombeni: UNkosikhona “Phakelum’thakathi” Ndabandaba

Le nkulumo itolikwe ngabayiphendulile njengemyalezo ocacile wokuzihlamuka kukaNdabandaba emkhankasweni kaNgizwe.

Khona ngeSonto isishoshovu esilwela amalungelo omphakathi we-LGBTIQA+ esiyilungu lephalamende uMxolisi Makhubu sibhale ekhasini laso sathi namuhla bazoba nomhlangano negaraji elidayisa izimoto i-JAC Portshepstone njengoba bekholwa ukuthi usebenzise imoto yalo ukuyobhebhezela inzondo KwaMai Mai.

Esithombeni: UMxolisi Makhubu

Uma lezingxoxo zizogcina zikhona, kuzobe kungaqali ukuthi uNgizwe azithole esesimemi esifanayo njengoba nango-2023 amangalelwa i-EFF kuyo lenkampane emuva kokukhwela adilike kumholi wayo, uMnuz. Julius Malema. I-JAC yabe isimyalela ukuthi abuyise imoto yayo, nokho yabuye yamnika enye emuva konyaka nokuyiyo ehla enyuka ngayo manje.

Yize egxekwa uNgizwe kodwa isakhiwo esizimele sezinduna esiholwa induna uPhumlani Mfeka, iNjeje YabeNguni sizwakalise ukuthi sisami noNgizwe noma sekunje.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com