
UJacinta ufuna incazelo ngamaphoyisa adedele abakufika ababoshwe ngoLwesine emafemini nasedolobheni KwaDukuza
UFUNA incazelo emaphoyiseni aKwaDukuza umholi weMarch and March Movement, uNkk. Jacinta Ngobese-Zuma ngesenzo sawo sokudedela abasolwa ababoshwe emkhankasweni obuyizolo (ngoLwesine) emafemini nasedolobheni KwaDukuza.
Kulo mkhankaso obuhlanganisa amaphoyisa nabasebenzi bomnyango wezasekhaya kuboshwe abantu bokufika abangewo amaphepha okuba kuleli nabebenomazisi abangombombayi.
Ukhale kakhulu ngamaphoyisa awasola ngokuthiphisa abanikazi bamafemu ngomkhankaso.
“Izolo sibe nomkhankaso namaphoyisa aKwaDukuza!! Ngesikhathi sifika khona abanye abanikazi bamafemu bese betsheliwe ukuthi siyeza… Bekwazi amaphoyisa nabasebenzi bomnyango wezasekhaya kuphela abebazi.
Namhlanje sivuswe izindaba ezithi bonke abantu bokufika abangewo amaphepha okuba kuleli nabebenomazisi abangombombayi esibabophe emkhankasweni wayizolo bakhishwe IZOLO!!!”, kusho uJacinta.
Ukhale ngombutho we-SAPS KwaDukuza ngokubenzela phansi. “Sifuna izimpendulo ngamaphoyisa aKwaDukuza”, kusho uJacinta.
Uthe amanye amaphoyisa abebenawo izolo abengajabule ngoba ozakwabo bayizigebengu ezigqoke i-uniform.
Unxuse abanye ukuthi bewa-tag embhalweni wakhe aze aphendule. “Sizophinde sibhale isikhathi esisemthethweni”, kuphetha yena.
