Izindaba

Liboshiwe ikhehla elibulale indodana yalo esebenzise i-card lalo lasebhange lingazi

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape abophe indoda esikhulile ebulale indodana yayo eneminyaka eyishumi nane (14) emuva kokuthi isebenzise i-card layo lasebhange ngaphandle kwemvume yayo eNgojini eNgqeleni, e-Eastern Cape.

Okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape, u-Brigadier Nobuntu Gantana uthe baziswe ngalolu daba ngoLwesibili ekuseni.

“Uphenyo esisalwenzile lusitshele ukuthi ngoMsombuluko ekuseni ngabo-22:00 ebusuku indoda esikhulile ishaye kanzima indodana yayo ngemvubu nangenduku.

“Isishayiwe indodana iboshwe ngentambo yavalelwa endlini ebusuku bonke. Ize yatholakala ngabo-04:00 ekuseni ngoLwesibili isishonile”, kusho uGantana.

Omakhelwane bakamsolwa bathi ubelokhu esho ukuthi uzoyibulala indodana yakhe ngokusebenzisa i-card lakhe lasebhange engazi. Kuthiwa ithenge izimpahla espaza shop sendawo ngaphandle kwemvume yakhe.

Umsolwa oboshwe amaphoyisa aseNgqeleni, uzovela enkantolo iNgqeleni Magistrate’s Court ngoLwesithathu mhlaka-7 Masingana (January) 2026 ngecala lokubulala.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com