
ISushi King ibuye kwezobumnandi “ngolozolo” lwengoma ephusha umkhankaso wokulwa nodlame lwezobulili
ISIKHULU esibhekele ezokuphepha (MMC) kumasipala wase-Johannesburg, u-Kenny Kunene sesikhiphe ingoma ephusha umkhankaso wokulwa nodlame lwezobulili.
UKunene oke waduma kakhulu eminyakeni edlule ebizwa ngeSushi King, yize esegxile kakhulu kwezepolitiki manje kodwa udalule ukuthi umculo ubuvele usenhlizweni yakhe kusukela endulo.
Utshele i-Sunday World ukuthi ingoma yakhe ethi Hamba ayenze no Soulful G no TheologyHD iqukethe umyalezo obalulekile odlulisa indaba yothando.
“Lengoma siyikhiphe ngesikhathi abantu bekhuluma kakhulu ngodlame lobulili nokuhlukunyezwa kwabesifazane. Ngicabanga ukuthi bekuyisikhathi esikahle. Lengoma ixoxa indaba yowesifazane othi usekuzame konke – abefundisi, umndeni nabangani – usekhathele indoda emhlukumezayo”, Kusho iSushi King.
U-Kenny uthe lengoma yakhe iwulozolo futhi izobe ingaphelelwe ushatini naseminyakeni eyishumi (10) ezayo.
Uthe ukubuyela kwakhe emculweni nasekubeni u-DJ ngeke kuphazamise imisebenzi yakhe yezepolitiki.
“Bengivele ngiwu-DJ, ngidlala ezinkundleni zemidlalo uma ngingekho matasa kakhulu ngezimpelasonto. Phakathi nesonto ngiba matasa ngezinto zepolitiki. Uku-DJ bekulokhu kusenhlizweni yami, ngisho ejele ngake ngacela umphathi wejele ukuthi avume ingene i-sound uma kuwuZibandlela. Bengidlalela ezinye iziboshwa ebengiboshwe nazo ngoba ngiyawuthanda umculo. Ngiyathanda ukujabulisa abantu”, kusho yena.
Uthe maduze bazoqala ukudlala ezindaweni ezihlukene eGoli bese bephumela nakwezinye izindawo.
“Sizophuma siyodlala nakwezinye izindawo ezweni lonke, sikhulume emikhankasweni yokulwa nodlame lwezobulili. Sekunezindawo osekuhleliwe vele ukuthi siye kuzo eThekwini, KwaZulu-Natali, bese ezinye zibe seGoli. Uma ngibambeka emsebenzini wami wezepolitiki bazoqhubeka abafowethu engisebenzisana”, kusho.
