ImibonoIzindaba

Amasu angakusiza ukushintsha impilo yakho ngo-2026

NJENGOBA sekubalwa amahora singene onyakeni omusha u-2026 sithe njengoMKHAYA asikuphe amasu ambalwa angakusiza ukushintsha impilo yakho futhi uqikelele ukuthi iba nozinzo.

â–  Musa ukuba sebudlelwaneni bothando nabantu abaningi futhi yeka ukwenza ucansi nabesifazane/namadoda ehlukene. Yiba nomaqondana oyedwa ozoqonda isimo sakho.

â–  Nciphisa noma uyeke utshwala nogwayi, awukho umklomelo wokuphuza okanye wokubhema. Ngabe uphuza kancane noma uphuzela ekhaya kuyafana, hambela kude notshwala.

â–  Hlala ekhaya ungazuli, uphume ngoba uya emsebenzini, esontweni noma makunesimo esiphuthumayo. Awukho umklomelo ngokuyichitha isikhathi nontanga ezitolo nasemakhoneni.

â–  Chitha isikhathi esiningi emphantweni, etohweni noma ekubhekeni amatoho. Hlala njalo usesimeni esikahle ngokomqondo ukuze ucabange ngokuhluzekile.

â–  Yakha uhlelo ozokwazi ukululandela ngempilo yakho. Lube nezinjongo ezimbili, eyesikhashana neyesikhathi eside. Ohlelweni lwakho akube nezinto ofuna ukuzenza uziqede ezinyangeni ezimbalwa ezizayo bese kuba nokufuna ukuziqeda esikhathini eside okungaba ukwakha indlu nokunye okungathatha unyaka owodwa nangaphezulu.

â–  Hlala ubheke amathuba okwandisa imali, ungabheki umholo kuphela. Thola okunye ongakwenza okungakufakela imali masisha.

Ungatatazeli, zinike isikhathi esanele sokucabanga ngokufunayo ngempilo yakho bese uyakwenza. Sikufisela unyaka omusha omuhle onezibusiso.

*Amanye amasu acashunwe ekhasini lika-Facebook likasomabhizinisi uMandla Gwala

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com