
Life ujuqu iphoyisa engozini yomgwaqo eNanda
IPHELELE emgwaqeni indlela yephoyisa ebeliya emsebenzini emuva kokuba imoto ebelihamba ngayo itholane phezulu nenye kuJabu Ngcobo Road eNanda, KwaZulu-Natali ngoMgqibelo ntambama.
Leli phoyisa lishone lifake i-uniform ephelele yomsebenzi kule ngozi eyenzeke ngabo-17:33.
Ngokombiko osemaphoyiseni kusolwa ukuthi imoto ebihamba iphoyisa i-Hyundai i20 ibiqhamuka ngaseNanda ibheke esiteshini samaphoyisa. Imphunyukile umshayeli ngesikhathi eyothatha ijika, nokuholele ukuthi imoto ishayise i-Volvo S40 ekuhlaza. Le ebihamba iphoyisa iduduleke yayothanqazeka ngaphandle ensimini yomoba.
I-Volvo S40 ibihamba abesifazane ababili, omunye wabo olimele kabi engalweni, wathola ukulashwa khona endaweni yesigameko abosizo oluphuthumayo.
