
Imizindlo ngemizuzu yokugcina kaGodongwane ngaphambi kokunqotshwa isiqhwaga
Ngu Sphamandla Mthethwa
NGOSUKU lokuqala okuzwakale ngalo izindaba zokunyamalala nokufa kobeyinxusa lakuleli e-France, uMnuz. Nathi Mthethwa isiteshi sakuleli i-Newzroom Afrika sixhumane nentatheli yase-France uZeenat Hansrod ukuzwa ngokujulile ukuthi ngabe abezindaba bazini ngokufa kwakhe.
UHansrod uchazela intatheli ye-Newzroom Afrika uThabo Mdluli ukuthi “okwamanje akukho okuningi esikwaziyo njengezintatheli” kodwa basalinde umbiko ophelele hlampe ngoLwesihlanu uma amaphoyisa eseqede ukwenza uphenyo lwawo.
Uthe ngokusho kwamaphoyisa uMthethwa utholakale ngoLwesibili edindilizile futhi esethule egcekeni lasehhotela i-Hyatt Regency Hotel elise-Paris ngabo-11:30 ekuseni emuva kokugxuma esuka ku-22nd floor wathanqazeka phansi.

Esithombeni: Ingxenye ephezulu yehhotela i-Hyatt Regency Hotel elise-Paris
“Kusolwa ukuthi kuvulwe ngenkani ifasitela legumbi abekulo kusetshenziswa izikelo ezitholakale kulo igumbi. Akukho maphilisi noma okunye okusolisayo ukuthi ukusebenzisile ngaphambi kokufa kwakhe”, kusho uHansrod.
Kuvelile ngoLwesibili ukuthi ngoMsombuluko unkosikazi kaMthethwa, uNkk. Philisiwe Buthelezi wafonela amaphoyisa ewazisa ukuthi umyeni umthumele umyalezo okhathazayo. Kamuva kuvele ukuthi kulomyalezo owawubhalwe uMthethwa, wayexolisa kumaButhelezi ukuthi ngazokwenza futhi ucabanga ukufa ngokuzibulala.
Amaphoyisa ophiko lwe-Brigade for the Repression of Crime against Persons (BRDP) abe eseqala ukumbheka yonke indawo aze amthola ehhotela, okuvele ukuthi waliqasha ezinsukwini ezingu-10 ngaphambi kokuya kulo.
Amaphoyisa abikela abezindaba ukuthi umakhalekhukhwini wakhe wagcina ukudonsa emoyeni ngoMsombuluko ngabo-15:00 ntambama useduze kwe-Bois de Boulogne okuyingxenye ethile yedolobha lase-Paris eyakhiwe ngamapulangwe, yena waze watholakala eseshonile ngoLwesibili emini.
Ebuzwa uHansrod ukuthi lendawo ihhotela elakhiwe kuyo angayichaza njengenjani, uphendule kashufane wathi: “Ihhotela okufele kulo uMthethwa lisendaweni egcwele omahosha”.
Ukudayiselwa kwabantu isithombe sokuthi uzibulele, kunethuba elikhulu ukuthi iqhinga ebelivele lihlelwe ababulali bakhe. Mawulandelela kahle izigameko esizibhale ngenhla uzobona ukuthi ngemizuzu yokugcina uMthethwa ubengeyedwa kodwa kukhona abebemyalela ukuthi kenzeni noma abebemlekelela kokwenzekile.
Asibuke lamaphuzu:
● Umyalezo owangena kumkakhe kungenzeka ukuthi awuthunyelwangwa uyena, kodwa kwakudayiswa isithombe esinjalo ukuze asisabalalise.
● Kungenzeka ukuthi kwasetshenziswa imininingwane yakhe ukuqasha ihhotela. Noma ubani angafona aqashe ihhotela azibize ngegama lomunye, inqobo nje uma ezokhokha imali edingekayo.
●Ukubulawelwa kwakhe endaweni edume ngokuphithizela omahosha, kwakuhleliwe ukuze kubukeke sengathi wayehanqazela bona. Kodwa uma ubuka njengoba wayenendlu ethi yena nje wayengahlulwa yini ukuyisa umahosha kuyo. Asakazi nokho ukuthi endlini ubehlala nobani futhi umkakhe ubehlalaphi.
●Ukutholakala kukamakhalekhukhwini wakhe endaweni ekude nehhotela kuyamangaza, ngoba iwona athumela ngawo umyalezo kumkakhe. Asakazi nokho ukuthi isikhathi amaphoyisa athe wagcina ngaso ukudonsa asishayisani yini nathumela ngaso umyalezo kumkakhe.
●Okunye okubalulekile ukuba kuqashelwe ukuthi wangena nini ehhotela, bese kubhekwa ngakhamera okwenzeka okusolisayo ngesikhathi esingaphambili esiseduze noma esingemuva.
Kukho konke lokhu kuqagela nokungathekisa, sekulindwe umbiko wophenyo lwamaphoyisa osekuyiwo ozophendula imibuzo nemidlinzo yethu sonke.
