Izindaba

U-Donald Trump Uzalelwe Yinja Endlini Ngokhetho Lwase Melika

AZIMHAMBELI kahle izinto owake waba umengameli waseMelika uMnuz. Donald Trump njengoba enenhloso yokubuyela kulesikhundla. Kumanje i-state sase Maine sesingesesibili ukukhipha igama lakhe ohlwini lwabazovotelwa okhethweni olungo-2024.

Abokuqala abakhiphe uTrump ohlwini labazovotelwa kube yi-Colorado emuva kokuba kube nomshuduliswano wezinkantolo kwagcina i-Colorado Supreme Court ikhipha isinqumo ngenyanga edlule esasimchitha ukuthi angenele ukhetho kulesa state. Okushaya uTrump umthetho osanda kubuyekezwa oyisigaba 14 ovimbela abathweswe amacala enkohlakalo ukuba bangenele ukhetho lobumengameli kuleli yazwe.

Isinqumo sokuchitha uTrump sase Maine sikhishwe uNobhala wakhona uShenna Bellows oyi-Democrat ngoLwesine emuva kokulalela zonke izinhlangothi ebeziqophisana ngokuthi uTrump ukulungele yini ukungenela lombango wokhetho. Ngokwezazi zomthetho zonke lezinqumo zingaphikiseka ezinkantolo eziphezulu zawo omabili lama state njengoba kungangabazeki ukuthi uhlangothi lukaTrump luzoziphonselela inselelo. FUNDA EZINYE IZINDABA KU: www.umkhaya.co.za

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com