EZISEMATHENIIzindaba

BAZONGCWATSHWA NGESONTO ABAYISI-8 ABABHUBHA KU-N2 EMANDENI

UNGQONGQOSHE wezokuthutha esifundazweni saKwaZulu-Natali, uMnuz. Sboniso Duma usememezele ukuthi yena kanye nezimeya, ikhansela uMnuz. Thobani Shandu kamasipala wesifunda Ilembe nekhansela uMnuz. Thabani Mdlalose kamasipala waseMandeni bazohola izinhlelo ezizothatha izinsuku ezine zokweseka imindeni yabafi abadlula emhlabeni engozini eyenzeka ku-N2 eMandeni.

UMnuz. Duma uthe bazokhapha imindeni uma isilande izidumbu emakhazeni, beye nayo emakhaya kuze kufike usuku lokufihla.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule kube nengozi enyantisa igazi emgwaqeni u-N2 lapho kushayisane khona iloli kanye nemoto encame i-Avanza ngezintatha zangoLwesihlanu, kwafa abantu abayisishiyagalombili.

Selolunke uhlelo lokuseka imindeni luzohamba kanje:

Ukushiya izimbali endaweni yesigameko

Usuku: 17 Mfumfu 2024

Isikhathi: 09:00

Indawo: Lapho okwenzeke khona ingozi, phakathi kwebhulohwe 18 no 19, ku-N2 eMandeni

Inkonzo yesikhumbuzo

Usuku: 17 Mfumfu 2024

Isikhathi: 10:00

Indawo: Emaromeni Sports Field, kumasipala waseMandeni, ward 3

Inkonzo enkulu yomngcwabo

Usuku: 20 Mfumfu 2024

Isikhathi: 09:00

Indawo: Emaromeni Sports Field, kumasipala waseMandeni, ward 3

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com