EZASEMGWAQENIIzindaba

Ibhubhise wonke amalungu omndeni angu-5 ingozi yaseMzumbe

KUBE umzuzu wosizi kuvela ukuthi phakathi kwabanye abantu ababandakanyeke engozini yomgwaqo eyenzeke ku-N2 eMzumbe bekungamalungu amahlanu (5) omndeni owodwa.

Lengozi okushayisane kuyo imoto encane eyiSuzuki nenye eyiMinibus elayisha-7 yenzeke ngoLwesihlanu ebusuku ngaphambi kwebhuloho lomfula uMzumbe.

Kushone izingane ezingu-3 ezineminyaka ephakathi kuka-3 no 5, nabantu abadala okukholakala ukuthi bekungumama nobaba wazo abafe ujuqu.

Abanye abalimele kube ngowesifazane oneminyaka engu-14 ophuthunyiswe esibhedlela esiseduze, kanti kwabebesemotweni elayisha-7 kulimale abantu ababili.

Umphathiswa wezokuthutha esifundazweni saKwaZulu-Natali, uMnuz. Sboniso Duma uthe uthumele ithimba elivela ehhovisi ukuthi lixhumane nomphakathi nemindeni ethintekile. Uthe kuzokhishwa umbiko ngokwenzekile maduze uma sekwenziwe uphenyo njengoba konke sekudluliselwe emaphoyiseni.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com