
I-eTV izoshayeka ngoshintsho elwenze ezinhlelweni zayo zakusihlwa phakathi nesonto
NAMUHLA ngithe ake ngiphawule ngoguquko olwenziwe isiteshi sikamabonakude, i-eTV ezinhlelweni zayo ezingena ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. Lesi isikhathi lapho abantu abaningi abasemakhaya abasuke bebuka ngaso “izotori” kumabonakude.
Mina nje nomndeni wami sisuke sibuka sishintshanisa i-eTV ne SABC 1 bese kuthi ngo-21:00 siyivale nge-SABC 2.
Siqala ngokubuka Amalanga Awefani ngo-18:30. Awasiphuthi ngoba indodakazi yami ephakathi yenza isiqiniseko ukuthi iyawacupha, uma engacushiwe uyacela bandla ukuthi kushintshwe isiteshi.
Phambilini bekuthi makushaya ihora lesi-19:00 besiye sishintshele ku-eTV sibuke i-House of Zwide.
Emuva kokushintsha kwezinhlelo ku-eTV sesiyakwazi ukubuka izindaba obese kunesikhathi eside impela singazibuki. Phela i-eTV seyafaka umdlalo wesibhunu ngo-19:00, i-Kelders Van Geheime okungelula nhlobo ukuwubuka, kwahlehla i-House of Zwide esingena ngesikhathi esifanayo neSkeem Saam ku-SABC 1.

Esithombeni: Isikhangiso somdlalo we-eTV othi Keiders Van Geheime
Ngenza ngamabomu ukuthi ngenze le ngxoxo ngokwenzeka ekhaya lami ngoba ngiyazi ukuthi kuyenzeka nakwamanye amakhaya amaningi, ikakhulu anababukeli abakhuluma isiZulu.
Iziteshi zikamabonakude mazenza izinguquko ezinhlelweni zisuke sezilwenzile ucwaningo ngazo futhi ziphinde ziqhathanise nokwenzeka ezimbangini zazo. Kuyaziwa-ke ukuthi ngalesikhathi i-eTV isuke ibanga ne SABC 1. Manje ngiyazibuza ukuthi kube yisiphi isizathu sokuthi ifake umdlalo wesibhunu ngesikhathi sokudlala kwezindaba zesiZulu ku-SABC 1.
Lokhu ngikushiso ukuthi iningi labantu abaqonda ulimi lwesizulu angeke behlalele ukubuka isibhunu zibe zikhona izindaba ezidlala ngolimi lwabo. Noma kanjani bayathutha ababukeli ngalesikhathi belibangise ku-SABC 1.
Ngiyazi ukuthi omunye uzothi kulula ukushintsha izinhlelo kumabonakude nge-remote kodwa kwesinye isikhathi uma isiteshi sikulethela izinhlelo oziqonda kalula futhi ezishisayo awube usasibona isidingo sokushintsha.
Thina-lapha ekhaya besiye sibuke i-House of Zwide kuphela ku-eTV nakhona ingoba ithandwa imina. Bese makushaya u-19:30 sibuyele ku-SABC 1. Obekwenza ngingazibuki izindaba kusihlwa ukuthi ngisuke ngibuka i-Newzroom Afrika ne SABC News emini ngakho ngisuke ngazi ukuthi kwenzekeni emini njengoba lezindaba zakusihlwa zigxila kobekwenzeka osukwini. Angeke kuphikwe futhi ukuthi abanye ababukeli abathandi ukubuka izindaba.
Ngicabanga ukuthi bekufanele umdlalo wesibhunu udlale ngehora lesi-18:00 ulandelwe izindaba bese ziyaqalake “izitori” kuze kuyovalwa. Ngaleyondlela umbukeli akanyakazi la ahlezi khona.
Manje lendlela okwenzeke ngayo iyabaphoqa ababukeli ukuthi behlale ku-SABC 1 njengoba emuva kwezindaba kungena iSkeem Saam naso esenza ubulungiswa ngeziqephu zaso ezikushiya ubambe ongezansi futhi eziqwashisayo.
Nokho lapha ekhaya savumelana ukuthi ngo-19:30 sizobuka i-House of Zwide bese iSkeem Saam sisibamba uma sesiphinda.
Izingane zona ziyibamba ngempelasonto imidlalo ezingayibukanga.
Zimi kanje izinhlelo ze-eTV kusukela ngo-18:30 kuya ku- 22:00 phakathi nesonto.
- 18:30: e.tv News
- 19:00: Kelders Van Geheime
- 19:30: House Of Zwide
- 20:00: Scandal!
- 20:30: Isitha – The Enemy
- 21:00: Smoke And Mirrors
- 21:30: Gold Diggers
- 22:00: Ashes To Ashes
