
Bakhathazekile abakuleli umphathisiteshi emaphoyiseni aKwaMashu emisa ukuboshwa kwabokufika abangenamaphepha
BASAKHUNGATHEKILE abantu ezinkundleni zokuxhumana emuva kokusabalala komyalelo okuthiwa ukhishwe umkhuzi wamaphoyisa esiteshini saKwaMashu ngoLwesihlanu ekuseni lapho abeyalela khona amaphoyisa ngomyalezo ka-Whatsapp ukuthi angababophi abokufika abakuleli ngokungemthetho.
U-Col. BC Silinga uthe ukuboshwa kwabokufika abangenamaphepha kufaka ingcindezi emsebenzini njengoba izinsiza zokusebenza zishoda.
Lokhu kuqubule ukukhathazeka kubantu emuva kokuba umholi womkhankaso i-March and March Movement, efake lo myalezo ekhasini lakhe lika-Facebook.
Kulo myalelo uSilinga uthe ukuboshwa kwabokufika abangenamaphepha kumele kuyekwe futhi iphoyisa elizophula lomyalelo lizokubhekana nokuqondiswa kwangaphakathi.
“Osgaxamabhande ophikweni lwe-Vispol and Sector bayaziswa futhi benze lokhu ngokushesha. Ukuboshwa kwabokufika abangenamaphepha okuba kuleli kumele kuyekwe ngokuphazima kweso, lokhu akusilo uhlelo esizibekele lona lwenyanga. Izinsiza ezikhona kufanele sizisebenzise ekusebenzeni into yezidakamizwa, izibhamu ezingekho emthethweni nokubheka abadayisayo utshwala.
“Uma umuntu wokufika ongenawo amaphepha eboshelwa ukwenza ubugebengu, obufaka ukudayisa utshwala nokunye, kufanele agcinwe futhi kungumthwalo wephoyisa elimbophile ukuthi liqinisekise ukuthi amaphepha akhe aqondile yini emnyangweni wezasekhaya”, kusho uSilinga kulo myalelo.
Uthe imikhankaso ehlelelwe ukubopha abokufika izokwenziwa ngokubambisana nomnyango wezasekhaya.
“Lemikhakhaso izohlelwa inhloko ye-Vispol, ngoba ukuboshwa komuntu noma nini kuphazamisa izinhlelo ezibekiwe zosuku. Uma ilungu libopha umuntu wokufika kungumthwalo walo ukuthola isitatimende esiwu-212 emnyangweni wezasekhaya libophe lowomuntu. Ukungalandelwa kwalo myalelo kungaholela ekubhekaneni nokuqondiswa kwangaphakathi”, kusho lomyalelo.
Ebuzwa ngalo myalelo okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt. Col. Robert Netshiunda uthe imiyalelo emaphoyiseni ayidluliswa ngo-Whatsapp kodwa kwenziwa ngama-email.
