EZISEMATHENIIzindaba

Bazowukhomba onotshwala abachapha ngenhlamba umshushisi kwelikaMalema

I-NATIONAL Prosecuting Authority (NPA) isikhiphe isixwayiso esivuthayo kulabo ebasola ngokuthuka nokusabisa umshushisi, u-Advocate Joel Cesar omele umbuso ecaleni lomholi we-EFF, uMnuz. Julius Malema.

UMalema ugwetshwe iminyaka engu-5 ngecala lokuqhumisa isibhamu emphakathini ngesikhathi kunomcimbi wokubungaza iminyaka engu-5 iqembu lakhe lasungulwa e-Eastern Cape.

I-NPA ithe ibonile enkundleni yokuxhumana, i-X umbhalo “ongathi” uvela ku-EFF, obusabisa umshushisi wayo, uCeaser.

” I-NPA iyakugxeka ukusatshiswa nami ngayiphi indlela komshushisi wayo”, kusho yona.

Ithe abantu abasebenzela umbuso basuke bemele umphakathi futhi basekelwa umthethosisekelo ukwenza umsebenzi wabo ngaphandle kokusaba nokwenzelela.

I-NPA ithe lokhu kwenza kululaza ukuqiniswa komthetho futhi kubeka ukuphepha kwabantu engcupheni ikakhulu labo abanikwe umsebenzi wokusebenzela umbuso.

“Lokhu kukhathazeka kuqiniswa nawukuthi, sekubulawe abashushisi abathathu e-Eastern Cape kuleminyaka emibili edlule, okufakazela ukuthi asengozini ngempela amalungu e-NPA”, kusho isitatimende sayo.

Ngesikhathi ekhuluma nabalandeli bakhe abebegcwele ngaphandle kwenkantolo, i-Eastern Cape Magistrate’s Court emuva kokukhishwa kwesigwebo sakhe, uMalema ukhwele wadilika kwimantshi ebiphethe icala lakhe, uTwanet Olivier kanye no Cesar.

Esitatimendeni esifakwe ku-X ebesine-logo ye-EFF, leli qembu lishaye enyameni kumshushisi obephethe icala likaMalema – lithe “ubeqhuba intwala ngewisa enkantolo futhi ubenesiyezi esidalwa inkinga yokuba umatindane”.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com