Izindaba

U-DJ Sbu ukhipha incwadi ezohlomisa ngolwazi abafuna ukukhula ebhizinisini lokudayiswa kwezakhiwo

UMSAKAZI odumile futhi ophinde abe ngu-DJ, USbusiso “DJ Sbu” Leope kuzothi maduze akhiphe incwadi enesihloko esithi Brick By Brick: The Entrepreneur’s Guide To Property Wealth ezozisa osomabhizinisi abasemkhakheni wokudayiswa kwezakhiwo kanye nabafisa ukungena kuwo.

Bese kuphele iminyaka eyishiyagalombili (8) lomsakazi we-Radio 2000 egcine ukushicilela incwadi.

Ubhale ekhasini lakhe le-Instagram azisa abalandeli bakhe ukuthi lencwadi izophuma mhlaka-16 Zibandlela (December) 2025 nokuyinto ayiqondanise nesikhathi sokuqala kwamaholidi kakhisimuzi okuyisikhathi sokuphana.

Esithomben: Ingaphambili lencwadi ka-DJ Sbu

“Bese kuphele iminyaka eyisishiyagalombili, into enkulu ebingalindwa le”, kusho yena.

Lencwadi ka-DJ Sbu inezahluko eziyishumi nanhlanu (15) kanye namagama angamashumi amahlanu (50) azoshiya umfundi ehlome ngolwazi oluqokothile ngokukhuliswa komnotho wezokudayiswa kwezakhiwo kanye nokuthuthukisa ikhono lokuzingela amathuba kulomkhakha.

I-Brick By Brick izodayisa ngo-R550 ezitolo kanti njengamanje umthengi angakwazi ukuyi-order kuleli kheli le-email elithi soniamokheseng@gmail.com ukuze akwazi ukuqinisekisa ukuthi izophuma eseneyakhe esandleni.

Akazukupholisa amaseko u-DJ Sbu njengoba ngonyaka ozayo ezophinde akhiphe enye incwadi ekhuthazayo enesihloko esithi Born 4 Purpose: Becoming A King yona ezophuma ngomhlaka-27 Nhlolanja (February) 2026.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com